IKwaZulu-Natal (KZN) isimemezele ukuthi izokwandisa iSabelomali sohlelo Lukazwelonke Lokudla Ezikoleni (NSNP) ngo-R19 million, okwenza isamba sibe ngu-R2.2 billion ku-2025/26. Loluxhaso luzohlomulisa abafundi abangaphezu kwezigidi u-2.6 ezikoleni ezingaphezu kuka-5,700 nezikhethekile ezingu-80.
Njenge-Feed Our Kids, siyakwamukela lokhu kuthuthuka. Lokhu kuzosiza kakhulu izingane ezithola ukusizakala ngaloluhlelo lokudla kwansuku zonke.
Nokho, sekube nezinselelo ezihlanganisa ukushoda kokudla, izidlo ezingenamkhawulo, kanye nezinkinga zokuhanjiswa kokudla. Nokho kuyajabulisa ukubona uhulumeni we-KZN ephendula ngezinyathelo ezibambekayo. Kodwa-ke, le mali kumele iqinisekise ukuthi izingane zithola ukudla okufanele futhi okunempilo. Akekho umfundi okufanele angatholi ukudla ngenxa yezinkinga zokuhanjiswa.
Ukuze lesi sabelomali sibe nomthelela obonakalayo, kumele kube nokulawulwa okuqinile ukuqinisekisa ukuthi ayikho imali elahlekayo. Ukuphathwa kahle kohlelo kungaqinisekisa ukuthi izikole zithola usizo ngesikhathi esifanele.
Nakuba i-KZN yenza intuthuko, le nkinga isezingeni likazwelonke. Zonke izifundazwe kumele zikhuphule izabelomali zokudla ezikoleni ukuze zonke izingane zaseNingizimu Afrika zithole ukudla okufanele. Lesi sinyathelo se-KZN kumele sikhuthaze nezinye izifundazwe ukuba zenze okufanayo.
Siyakwamukela ukukhula kwesabelomali, kodwa kufanele kube nomthelela obanakalayo. Azikho izingane okumele zishiywe ngaphandle.

