SHEILA MHLONGO
Njengengxenye yokuvikela ukusabalala kwesifo sezinyawo nomlomo (FMD) KwaZulu-Natal, uNgqongqoshe Wezolimo, uJohn Steenhuisen, umemezele ukwelulwa kwemingcele yeSifunda Sokulawula Isifo ukuze kuvikelwe ukuqhubeka nokuhlasela kwesifo.
Ngokombiko ophuma emnyangweni mhla zingu-18 Mashi , uthi isifo samatele (Foot and Mouth Desease) KwaZulu-Natal asikakwazi ukulawuleka ngempumelelo, njengoba kutholakale lesifo ezindaweni ezintsha esifundeni saseNewcastle.
“Lesi sifo sesisabalele ngale kwendawo yeSifunda Sokulawula Isifo (DMA) esasimenyezelwe ngo-2021, lapho kwavela khona amagciwane e-SAT2 FMD okokuqala esifundazweni,” kusho umnyango.
Umnyango uthe lesi sinyathelo sakamuva sihlose ukulawula ukuhamba kwezilwane ezinonyawo oluhlukanisiwe (izinkomo, izimvu, nezimbuzi) kanye nemikhiqizo ethathwe kuzo ezindaweni ezithintekile.
“Azikho izilwane ezinonyawo oluhlukanisiwe, imikhiqizo yazo, noma izinto ezihlobene ne-genetics ezivunyelwe ukudluliselwa ukusuka, ukuya, noma ngaphakathi kwe-DMA ngaphandle kwemvume yezokwelapha yezwe, futhi ngokuhambisana ngokuphelele nemibandela ebekiwe yelayisensi enjalo. Imingcele ye-DMA ebuyekeziwe izomenyezelwa ngokusemthethweni kwi-Government Gazette ezinsukwini ezizayo,” kusho umnyango.
Imingcele ye-DMA eselulisiwe ifaka lezi zindawo:
OMasipala asekhaya:
• Big Five Hlabisa
• Mtubatuba
• Nongoma
• Ulundi
• Umhlabuyalingana
• Jozini
• Pongola
• Abaqulusi
• Mfolozi
• uMhlathuze
• Mthonjaneni
• Nqutu
• Nkandla
• uMlalazi
• Mandeni
OMasipala abangahlonziwe ngokuphelele (izindawo ezithile ngaphakathi kwe-DMA):
• Emadlangeni: ENingizimu ye-R34 kusukela ku-R33
• Newcastle: ENingizimu ye-R34 kuya empumalanga ye-N11
• Dannhauser: Empumalanga ye-N11 nasenyakatho ye-R68
• Endumeni: ENyakatho ye-R68 nasempumalanga ye-R33
• Msinga: Empumalanga ye-R33
• UMvoti: Empumalanga ye-R33 kuya ku-R74 nenyakatho ye-R74
• Maphumulo: ENyakatho-mpumalanga ye-R74
• Ndwedwe: Empumalanga ye-R74
• KwaDukuza: ENyakatho-mpumalanga ye-R74 kuya ku-N2 naseNtshonalanga ye-N2 ukuya eMandeni
Izinyathelo zokulawula ukuhamba nezibopho
Umnyango uphinde wagcizelela ukuthi izinyathelo zokulawula ukuhamba, ezamenyezelwa ngo-Okthoba 2022, zisasebenza ezweni lonke, futhi “lezi zinyathelo zokulawula zifakwe futhi esazisweni esisha se-Government Gazette”.
“Lezi zinyathelo zifaka: Izinkomo, izimvu, noma izimbuzi kufanele kuhambisane nesitatimende somnikazi esiqinisekisa umsuka wezilwane nesimo sazo sempilo; futhi othola izilwane endaweni ezihanjiswe kuyo kufanele anikeze isiqinisekiso esisayiniwe sokuqinisekisa ukuthi izilwane zizohlaliswa zodwa okungenani izinsuku ezingama-28 ngaphambi kokuhlanganiswa nezinye.”
Umnyango ugcizelele ukuthi isigaba 11 soMthetho Wezifo Zezilwane, 1984 (Umthetho No. 35 ka-1984), sibeka umthwalo wezomthetho kubo bonke abanikazi bezilwane nabaphathi bezinkomo ukuba bathathe izinyathelo ezifanele zokuvimbela izifo nokuzisabalalisa.
Izinyathelo ezibalulekile zokuvikela izifo zifaka:
• Ukunciphisa noma ukubambezela ukufakwa kwezilwane ezintsha epulazini.
• Ukwamukela kuphela izilwane ezivela ezindaweni ezaziwayo ukuthi azinazo izifo, ezinesitatimende sezempilo esisemthethweni.
• Ukuvimbela ukuthintana okuqondile phakathi kwezilwane zasemapulazini nezilwane zangaphandle.
• Ukuqinisekisa ukuthi imingcele yepulazi ivikelekile.
• Ukunciphisa ukufinyelela kwabantu nezimoto epulazini, nezindlela ezifanele zokuhlanzeka zisetshenziswa.
Ukubika
I-FMD ithathwa njengesifo esilawulwayo ngaphansi koMthetho Wezifo Zezilwane, 1984 (Umthetho No. 35 ka-1984), oshaya umthetho mayelana nezinyathelo ezithile zokulawula, ezinjengokuvalelwa kanye nezindlela zokuhamba ezilawulwayo eziphoqelelwe Izinsiza Zezilwane.
“Noma yiziphi izimpawu ezisolisayo zesifo, ezifaka ukuphuma kwamathe ngokweqile, amabhamuza emlonyeni, ukukhubazeka ekunyatheleni, noma izilonda onyaweni, kufanele zibikwe ngokushesha kuDokotela Wezilwane Kahulumeni wendawo, futhi lezo zilwane azifanele zinyakaze nganoma yisiphi isizathu,” umnyango ugcizelele. – SAnews.gov.za

