SHEILA MHLONGO
IPhini likaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme NezokuQeqeshwa, uDktl. Mimmy Gondwe, uxwayise ngokuthi izikole ezingabhalisiwe ngokomthetho zibambezela ikusasa labafundi ngoba abafundi abathola iziqu kwezingabhalisiwe abakwazi ukuthola umsebenzi.
UNgqongqoshe ukusho lokhu ngoLwesithathu lomhlaka-27 Mashi 2025, ngesikhathi somkhankaso wokuqwashisa namakolishi angekho emthethweni eThekwini, uGondwe uthe le nkinga ibucayi KwaZulu-Natal, okuyisifundazwe sesibili esinamanyuvesi amaningi emva kweGauteng. Izinkinga zihlanganisa izikole ezizimele ezingabhalisiwe kanye nalezo ezinikezela izifundo ezingaqinisekisiwe.
“Abanye abafundi bayithemba lemindeni yabo. Abazali babo batshala imali ukuze bathole iziqu eziqinisekisiwe. Kodwa uma befunda emakolishi angekho emthethweni, balahlekelwa amathuba emisebenzi, futhi imindeni yabo ilahlekelwa imali.” kusho iPhini likaNgqongqoshe.
Lo mkhankaso wenziwe ngokubambisana noMasipala waseTheku, uMnyango Wezokuqashwa kanye noMnyango WezaseKhaya. “Njengoba iTheku liyidolobha lamanyuvesi, kumele siqinisekise ukuthi abafundi babhalisa ezikhungweni ezisemthethweni ezifanele,” kusho uCllr. Nkosenhle Madlala.
Izikhulu zihlolile izikole ezizimele eziseMonty Naicker naseWest Street, ezinye zibhalisiwe kodwa zinokungahambisani nemithetho. Abafundi bakhale ngezinkinga zenkokhelo nokubuyiselwa izimali zabo.
UGondwe uthe izikole ezizimele zivunyelwe ukusebenza kodwa kumele zithobele umthetho futhi izifundo zazo ziqinisekiswe ngabakwa-Umalusi, i-QCTO ne-Council on Higher Education.

