SHEILA MHLONGO
- Totalsports, ngokubambisana ne Stillwater Sports isimemezele ukuthi izokhipha umklomelo ka R1,000 000 kumsubathi wesifazane oyophuma phambili ukwephula irekhodi lomhlaba emncintiswaneni we Women’s Only 10 km World Race oyobanjelwa eThekwini ngomhlaka 01 Agasti 2025.
NgoMgqibelo womhlaka-26 Ephreli 2025 uAgnes Jebet Ngetich wase Kenya waqopha irekhodi lomhlaba ngo 29:27 eyayibanjelwe e-ADIDAS Road eHerzogenaurach, eGermay, lapho uNgetich wake wephula khona irekhodi lika 30:01 alibekelwa imbangi yakhe u-Agnes Tirop eGermany ngomhlaka-12 Septhemba 2021.
“Umjaho we- Totalsports Women’s usho lukhulu ezinhlizweni zethu- kuyindlela yokubungaza amandla, ubunye, kanye namandla amakhulu abantu besifazane emkhakheni wezemidlalo” Kusho uNikki Crous, oyiNhloko yophiko lwemarketing eTotalsports.
“Siyaziqhenya kakhulu ukuba ingxenye yalomcimbi olokhu uqhubeke njalo nokuthuthukisa uphinde uhlabe umxhwele kubantu besifazane ezweni lonke. Ukumenyezelwa kwalomklomelo ka R1, 000 000 oyotholwa umgijimi wesifazane oyophuma phambili kule Women’s Only 10km World Record eThekwini, kuyasijabulisa ngoba kuyinto kukhombisa ukuzibophezela kwethu ekwesekeni abasubathi besifazane, kumayelana nokuveza amathuba kanye nokuba ingxenye yomlando oqhubekayo.”
“We are immensely proud to be part of an event that continues to uplift and inspire women across the country. Announcing a R1 000 000 incentive for the first female athlete to break the Women’s Only 10km World Record in Durban is an honour for us, and a bold statement of our commitment to women’s athletics. It’s about creating opportunities, pushing boundaries, and being part of history in the making.”
Umzila womjaho weTotalsports Women’s Race waseThekwini uyobe ugudla ulwandle, njengoba futhi waziwa ngokuba flat nangokushesha kanye nobuhle bawo.Lomzila uzonikeza abasubathi isikhathi esimnandi.
- Totalsports Women’s Race isibeke phambili abesifazane emkhakheni wezemidlalo eNingizimu Afrika, sibungaza amandla, ubunye kanye nomoya omuhle kubantu besifazane. Kusho uMichael Meyeroyi , Managing Director ye-Stillwater Sports. Oqhube wathi ngonyaka ka 2025 sajabula ukuyisa lomdlalo ezingeni eliphezulu nokumenyezelwa komncintiswano ka R1, 000 000
Lowo osanda kudla umhlanganiso kwi- Women’s-Only 10km World Record uAgness Jebet Ngetich uphawule wathi. “Ngiyajabula ngalomklomelo ngoba unikeza ithuba kubantu besifazane base Afrika. Kuphinde kuhehe abanye kulemijaho kuphinde kugqamise abesifazane abasemkhakheni wezemidlalo.”

