SHEILA MHLONGO
I-NSFAS isikhiphe isitatimende iphika umbiko ongelona iqiniso osabalele ezinkundleni zokuxhumana ezithi i-portal yokubhalisela unyaka ka-2025 isivaliwe ngenxa yokushoda kwemali. Ithi lezi zinsolo ziyiphutha elikhulu futhi ziyadukisa. Kuthiwa umlayezo uqhamuke e-Durban University of Technology (DUT), futhi i-NSFAS icele lenyuvesi ukuba ihoxise lombuko ngokukhulu ukushesha ngoba uyadukisa.
I-NSFAS ichaze ukuthi i-Circular Notice No. 4 ukuthi i-portal ivuliwe kusukela ngomhlaka-3 Mashi 2025, kwathi izinsuku zokugcina zokuhambisa ulwazi lwabafundi kwaba ngu-31 Mashi 2025, nakuba kwelulekwa ukuba kuthunyelwe ulwazi ngaphambi kuka-14 Mashi 2025.
Loluhlelo lwenziwa ukuze kube nesikhathi esanele sokusebenza izicelo kusenesikhathi ukuze kungabikho ukubambezeleka kokukhokhelwa kwabafundi. Kodwa-ke, izimali ze-allowance sezikhishwe ezikhungweni ezithintekile ngomhlaka-6 Meyi 2025.
Ngokuqondene nezimali zabafundi be-TVET abangazange bakhokhelwe ngo-2024, i-NSFAS ithi lokhu kudalwe izinguquko ekukhokheni, kodwa manje sekuseduze ukuqedwa kwale nkinga. Izimali ze-TVET zango-2025 zizokhishwa ngomhlaka 25 Meyi 2025 kanti ezango-2024 ezisele zizokhokhwa ngomhlaka 31 Meyi 2025.
I-NSFAS iqinisekisa ukuzinikela kwayo ekuqinisekiseni ukuthi abafundi abafanelekile bathola izimali zabo.

