Ongeziwe Ntondini
USthabile Francisca Mnyandu owazalwa ngomhlaka-3 Mashi ngonyaka ka -1996 odabuka endaweni yaseDalton KwaZulu Natali owasha emlilweni wehlathi ngoJulayi-2002 lapho eneminyaka eyisithupha(6) ubudala uSthabile Mnyandu naye ongomunye wabadlali be-KZN Para Athletes, iTable Tennis naye owakhethwa ukumela iNingizimu Afrika eJordan kulo nyaka
kusukela ngomhlaka-13 kuya ku-15 Ephreli 2025, uSthabile Mnyandu uphakamisa iDolobha langakubo, Isifundazwe kanye neNingizimu Afrika kahle nangemibala endizayo
ukubuyela ekhaya ngendondo yethusi emcimbini we-Singles.
Wathola ukulashwa esibhedlela iMontobello wabe esedluliselwa esibhedlela iGreys walethwa e-Children of Fire ngemuva kokuxhumana isikhathi eside no Sphindile Nxele wase-Ethembeni School for physically disabled and visually impaired children.
Uyaqhubeka nokuphakamisa ifulegi le-KZN nefulegi laseNingizimu Afrika uSthabile useqophe umlando ngokuba umdlali we-Para Table Tennis kwisikhundla sokuqala eNingizimu Afrika, kanti usendaweni yesibili e-Afrika. Lokhu kwamvumela ukuthi akhuphuke kwisikhundla sesibili kuma-Para table tennis rankings uSthabile akazange aphumelele kuphela kuma-singles futhi wanqoba ithusi lesibili ku-Women’s doubles and mixed- doubles event ngokulandelana.
Le Championships yenzeke ngaphambi nje kwe-SA Para Championships eKapa ngenyanga efanayo uSepthemba ngonyaka odlule wamela i-table tennis yase-SA ngesikhathi ewina indondo yesiliva emqhudelwaneni we-singles kwi-ITTF African Para Table Championships 2023′ e-Egypt ngonyaka odlule, ngoSepthemba.
Ubejabule kakhulu futhi waqhubeka nokunqoba isicoco sakhe se-singles futhi waqinisekisa ukuthi uhlala eyinombolo yokuqala eNingizimu Afrika. Wabe esekhethwa ukumela iNingizimu Afrika kwi-‘Value Jet Lagos Para Table Tennis Open 2023 eNigeria ngo-Okthoba wahamba yedwa ohambweni futhi wakwazi ukukhiqiza imiphumela emihle ngaphandle komqeqeshi noma uhlelo lokusekela ekhoneni lakhe.wathola izindondo zethusi ezi-2 kanye ne-1 yesiliva.
“I-Table tennis ibikhona kimi, yilokho kuphela engingakusho. Ngoba angikaze ngihlale phansi ngikhulume ngokujulile nomuntu ngalokho okwenzeka kimi ngisemncane. Ngakho-ke, ithenisi yetafula yangisiza ngempela ukwamukela sonke isimo ikakhulukazi ngesikhathi lapho ngangikuthola kunzima kakhulu ukuba ngaphandle emphakathini. Abantu bayabuka futhi abanye babuza imibuzo.” echaza uSthabile.
“Kuyo yonke imizabalazo nezinkinga engibhekane nazo, i-table tennis ibikhona kimi. yingakho ngisayidlala,ukube bekungengenxa yale midlalo angazi ukuthi ngabe ngikuphi.”
Wabuye wathola ithuba lokuhlanganyela nabadlali abahamba phambili emidlalweni uMqeqeshi uDesiree Ellis oseke izilinganiso eziphakeme kuwo wonke umsubathi wesifazane. Lokho akufezile ngaphakathi nangaphandle kwenkundla yokudlala kukhuthaze kakhulu. Ukufunda nokulalela indaba yakhe yalokho abhekane nakho ngemuva kwesigameko sakhe kuyakhuthaza kakhulu uSthabile uyazijabulela ezemidlalo nokudlala ibhola. Mhlawumbe iBanyana Banyana, iqembu labesifazane laseNingizimu Afrika lizomnika ithuba lokuyidlalela ngelinye ilanga.

