SHEILA MHLONGO
Imicimbi yokuthweswa iziqu e-UKZN ivamise ukuba nemiculo, ukudansa kanye nokubongwa kwabazali. Kodwa uPrecious Dlamini (23) wenze okwehlukile uphakamise iphepha elibhalwe ukuthi: “Ngiyabonga NSFAS.”
Uthweswe iziqu ngoLwesihlanu-9 Meyi 2025 ngeBachelor of Education kuFET Phase. Uthe ngaphandle kwe-NSFAS ubengasoze ayithole lezi ziqu.
Uhambo lukaDlamini belunzima ubaba wakhe washona eneminyaka emine kwalandela umama wakhe ngo-2022. Wasala nodadewabo kuphela bedinga izimali zokuphila nokufunda.
Ngo-2023 waba uStudent Support Officer e-Edgewood Campus SRC elwela abafundi abahlangabezana nezinselelo ezifana nezakhe.

