Kucijwe abafundi ngolwazi mayelana namathuba emisebenzi kowe Youth Employability Indaba

SHEILA MHLONGO

UMasipala weTheku usingathe iYouth Employability Indaba 2025, ngenhloso yokucija intsha engabafundi bezikole ezibalelwa ku-50, ebezivela eThekwini namaphethelo ikakhulukazi lezo ezingenazo izinsiza zokunceda abafundi ukubanikeza ulwazi mayelana neCareer Guidance kanye nolwazi oluphathelene namathuba emisebenzi engabasiza ukuthi baqashwe uma sebephothule imfundo yabo. Lenkomfa ibibanjelwe e-Inkosi Albert Luthuli Convention Centre (ICC) kusukela ngomhlaka 20-21 Meyi 2025.

Ngaphambi kokwethulwa kwezinkulumo ukhansela Ntando Khuzwayo oyiBamba leMeya yeTheku  evula inkomfa,uthe le Youth Employability Indaba okungeyesihlanu kulonyaka, inhloso yayo ukuzochushisa abafundi abavela ezikoleni ezahlukene eThekwini ikakhulukazi abenza umatikuletsheni ukuze banikwe amaqhinga neziyalo mayelana namathuba emisebenzi akhona kanye nezifundo okumele bazenze uma sebefika emaNyuvesi kanye nasemakolishi.

Phakathi kwezikhulumi kube uNkk. Puna Mkhize obemele uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi. Kwinkulumo yakhe weluleke abafundi mayelana nezinhlelo abanazo zokucija intsha ngamakhono ehlukene athatha izinyanga eziyisithupha.

Phakathi kwamakhono omsebenzi wezandla okucijwa ngawo intsha kubalwa owokwakha izindlu(Brick laying),Plumbing, tiling, Ukukhanda ama Selula (Cell Phones Repairs), kanye namanye. Kanti  intsha ithola izitifiketi ezigunyaziwe  ezingeni le TVET College (Accredited Certificates). Baphinde basebenzisane ne-National Youth Development Fund (NYD) esiza ngokunika abafundi amathuluzi okusebenza ukuze bakwazi ukuziqalela amabhizinisi abo noma bathole ukuqasheka.

Echaza ngohlelo lomnyango uNkk. Mkhize uthe uhlelo lwabo luphinde luhlanganise ama Youth Camps asiza kakhulu intsha esuke ingaqedanga ezikoleni ngenxa yezinkinga ezifana nokukhulelwa, ukusebenzisa izidakamizwa. Intsha ithola izeluleko ukuze ibuyele emphakathini yelaphekile.

UMnu. Sandile Mashaba obevela kwinkampani iMicrosoft ukhanyisele intsha  ngolwazi olumayelana nedijithali  ehlanganisa ubuciko bokukwazi ukwenza izinto ezifana  ne-Coding kanye nokusebenzisa okubizwa nge –Artificial Intelligence (AI) nama Robhothikhi (Robotics).

UMashaba uxwayise intsha mayelana nemisebenzi ezophelelwa isikhathi eminyakeni emihlanu ezayo. “ Imisebenzi efana nokwakha indlu, ukuhlinza iziguli, ubumeli, accountants, neminye iyobe seyenziwa ngezandla zama robhothi.” Kucacisa uMashaba.

UMashaba uphinde wexwayisa abafundi ukuthi ama Selula lawa abawaphathayo acaphuma ulwazi oluningi kubantu kodwa bona bengazi. Wathi into ebalulekile ukuthi intsha ikwazi ukwenza imisebenzi edijithali ngoba iyona ezolawula ingomuso labo.

“NgeSelula yakho ungakwazi ukusebenzisa amathuluzi angakusiza ufunde ngemisebenzi edijithali okuyiyo eyokwenza ukuthi uthole ukuqasheka ezinkampanini ezifana nabo Micrisoft.

“Uma nisebenzisa i-AI inganisiza ngokuthi nikwazi nokwenza ama –assignment enu iphinde inisize ukunazisa ngezinhlobo zemisebenzi ekhona. Njengoba lena ekhona manje izophelelwa isikhathi kungekudala.”

Eqhuba uMashaba ugcizelele ukuthi imisebenzi okumele bayiqaphele abfundi ilena efana ne cloud, cyber security neminye abangayifundela kwi –Microsoft university ngesikhathi sabo ngaphandle kokuthi baze balinde ukuqeda isikole.

Ezinye izikhulumi ezibeke induku ebandla kube uMnu. Innocent Dimba obevela kwi-University of KwaZulu-Natali (UKZN) ochaze ngendlela yokufaka izicelo kubantwana abenza ibanga leshumi nambili kanye nezifundo abanazo esikhungweni sabo.

UMnu Michael Zulu, obevela eDUT naye weluleke abafundi ngezinhlelo zesikhungo sakhe kanye nesikhathi esifanele sokufaka izicelo.

UMnu Muzi Mashazi obevela ekolishi Elangeni FET naye weluleke abafundi ngezinhlelo zabo, indlela yokufaka izicelo, kanye nebanga lemfundo elisukela ngaphansi kwelikamatikuletsheni kanye nalo ibanga leshumi nambili bayemukelwa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *