UShivambu ukhale ngabadukisa uZuma emva kokuxoshwa kwakhe esikhundleni sokuba uNobhala Jikelele weMKP

SHEILA MHLONGO

Lowo obekade enguNobhala Jikelele weqembu loMkhonto wesizwe uMnu Floyd Shivambu usole labo athi badukisa uMengameli weqembu uMnu Jacob Zuma ngokumhlohla ngolwazi olungamanga. UShivambu  ukusho lokhu ngesikhathi kade ebize isithangami sabezindaba ngoLwesine lomhlaka 19 Juni, 2025,  kwelinye lamahhotela eMidrand eGoli, ngenhloso yokucacisa ngesimo sakhe emva kokukhishwa kwezindaba ezithi iqembu leMKP limxoshile esikhundleni wasala engasenasikhundla.

Nokho izinkuku zike zawusola umgqakazo ukuthi sengathi kukhona okusina  kumjeqeza umfoka Shivambu, lokhu kudalwe izinkulumo zikaMengameli uZuma ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yosuku lokubungaza uJune 16. Phela uZuma uzwakale ethi akekho umuntu onesiqinseko sokuhlala esikhundleni unomphela, futhi iqembu lakhe liyabaxosha abantu abangenzi kahle kungakhathalekile noma bathenjiwe noma bathandwa kangakanani, uma umuntu ebheda nje uyaxoshwa.

Ukuxoshwa kuka Shivambu esikhundleni kulandela izinsolo ezimayelana nokubonakala kwakhe ehambele umfundisi waseMalawi oweqa kuleli ngenxa yamacala futhi okusenemizamo yokuthi abuyiswe azobhekana namacala akhe. Ngakho ukubonakala kukaShivambu eyokhonza ebandleno lalesigebengu somfundisi ngesikhathi sama Easter kwasusa omkhulu umsindo iningi labantu bakuleli lisola ukuthi angayenza kanjani into efana nalena ekubeni engumholi oqavile eqenjini lakhe leMKP.

Kulesithangami sabezindaba uShivambu umemezele ukuthi usezinhlelweni zokuhambela izingxenye ezehlukene zezwe ngenhloso yokuqhuba inhlolovo youthola ukuthi ingabe kulungile yini ukuthi kusungulwe enye inhlangano yepolitiki, wathi uzophinde axoxisane nabaholi abangosomabhizinisi nabezepolitiki ukuze athole izeluleko kubo ngaphambi kokuthatha isinqumo sokuthi ngabe uyalisungula yini iqembu.

Okuthuse iningi amazwi akhe uShivambu okuthi nakuba exoshiwe esikhundleni sakhe uzoqhubeka ebe yilunga loMkhonto wesizwe.

Ngesikhathi exoshwa kwakungathi uyehliswa nje esikhundleni sokuba uNobhala Jikelele abekade esiphethe izinyanga eziyisishagalombili (8) kusukela ngenyanga kaSepthemba 2024 kuze kube ilenyanga. Futhi bekumenyezelwe ukuthi uzojutshelwa ePhalamende ngaphansi kwalo iiqembu leMKP.

Nakuba uShivambu ebeziqinsia isibindi kodwa uzwakalise ukuthi kuyishwa nje ukuthi uZuma ungungwe abakhohlisi abaqola iqembu izimali ezishisiwe nyanga zonke futhi naye bamuqambele amanga bathi ngokombiko wemfihlakalo uveze ukuthi ubesezinhlelweni zokuqumba phansi uMsholozi esikhundleni sokuba uMengameli.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *