SHEILA MHLONGO
Iqembu le-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natali lizwakalise ukuthi seliphothulile uhlelo lokuqoka uhlaka lobuholi besikhashana KwaZulu-Natali okuyilo elizophatha kuzozonke izifunda eziyishumi nanye (11) esifundazweni.
Esitatimendeni esithunyelwe abezindaba ngomhlaka-21 Juni sithi, loluhlaka olubizwa ngeRegional Task Team (RTTs) kuqondwe ngalo ukuvuselela izinhlaka ze-ANC ziphinde zixhumanise iqembu kanye nemiphakathi.
IQembu le-ANC lithi lezinhlaka ze ETT ziyimizamo ebalulekile kakhulu ukuvuselela kanye nokwakha kabusha iqembu njengoba amakomidi asezingeni lezifunda (Regional Excecutives Committees)abesephelelwe isikhathi
Lokhu kuqokwa kwe-ETT kuza emuva kokuthi kwaqokwa amalunga eProvincial Task Team okwenziwa ubuholi bukazwelonke ukuze kube yibo obengamela izindaba zeqembu esifundazweni, nakho okwadalwa ukungenzi kahle kweqembu okhethweni lukazwelonke ezifundeni ezimbili iKwaZulu-Natali kanye neGauteng.

