Ngiyabingelela nina bengabade. Bantu bakithi ngicela sikuqondeni ukuthi abantu abadala uma beguga basanokuhlaselwa yizifo ezifana ne-dementia ezihlasela umqondo, leyonhlobo yezifo iyakwazi ukumvusa umuntu ebusuku aphume ngomnyango ahambe uma ngabe ehlala nomuntu onganaki, uyakwazi ukuhamba belele engagqokile, angahamba enjalo noma embethe izingubo zokulala uyahamba enjalo engazizwa.
Kuyenzeka umbone emasangweni akho mangabe isango lingavaliwe uyangena bese masibabona sigijimela ukucabanga ubuthakathi sibize umphakathi sibabulale kabuhlungu noma bashiswe ngomlilo kuthiwe ubezothakatha kanti cha uhlaselwe yilezifo vele ziyabahlasela abagugile. Usudlangile lomkhuba wokushiswa kwabogogo abakulesosimo, asimeni sizwe sakithi masingabulali kodwa masihlawulise abahlala nabo ukuze bakwazi ukubanakekela kahle bangaphumi emagumbini wokulala ebusuku bahambe emigwaqweni . Masiziqondeni lezifo ezihlasela asebekhulile bafika ekugugeni.
Obhalayo UKatlego Nare

