SHEILA MHLONGO
Njengoba ngingumuntu wesifazane osakhulayo Isinqumo sami kanjalo nesifiso ukubamba iSemina yebhizinisi nokukwazi ukuthi ngakhe. Ngingafisa ukusebenzisana noBabo Ngcobo ngifunde ngagogoda kwezokukhanselisha abantu emshadweni ‘Marriage Counseling’.
Abalandeli bami bengalindela ukuthi ngisize osomabhizinisi abaningi ukuyaphambili empilweni. Ngiphinde ngibafundise ukuthi umelelana kanjani nempilo noma izinto zinzima kodwa uzame ukuba ufeze amaphupho akho, nami kwakungelula kodwa ngesifiso ngazama ukuphusha kwaze kwafika isikhathi sokuthi kukhona nami engikufezayo njengomuntu omusha osazibona eyaphambili ngempilo. Mawufisa ukuxhumana nami njengomeluleki wemishado ngihlala eSkebheni Inanda

