Abantu abakulaxazile  bafanise neshethi elimhlophe eseligqokiwe

Ishethi umuntu uligqoka ngoba lilihle futhi li clean.  Kepha lingathi lingangcola bese elijikijela kubhasikidi wewashingi.  Akabe esaligqoka ngoba esebona lingasamfanele ngenxa yokuthi seligcwele ukungcola noma amabala. Kuyobe  sekufika  oyolikhipha kulowo bhasikidi ayoliwasha.  Khumbula uma uwasha noma yini uyayishuka ukuze iwasheke nalo ke uyobe eseli rinsa.  Uma eqeda bese eyolineka kulayini.  Liyobe  selishishwa ilanga , lishawe umoya lize lome.

 Uma selomile lizothulwa kulayini bese liya ayinwa ukuze lingashwabani kepha liqonde. Sengisho ukuthi nawe kunabantu abayoba nawe ngoba besakubona usayilokhu abakudingayo , kepha mzukwana waba nento ekwenza ubukeke kabi njenge shethi eselingcolile , bayokulaxaza kude kuhle kweshethi.  Khumbula albe lisagqokwa ishethi elingcolile kepha kubhekwa elinye elihlanzekile. Nakuwe  kunabantu abakushiya bafune abanye ababona bengcono kunawe. Plus uyobe usubona sewulandelwa izivunguvungu zomoya kanti cha. Uku stage lapho ishethi lomiswa umoya futhi lishiswa ilanga.  Uze usho uthi waze washa emhlabeni kanti cha lokushisa okuzwayo kuzolomisa usizi obhekene nalo.

Last stage,  uyobona sengathi kukhona izinto ezikugxobayo. Khumbula ngithe  I-ayina iyona esizayo  ishethi ukuze liqonde. Nawe kune ayina yempumelelo ezokugxiviza ukuze uqonde kahle impilo bese uyaphumelela.

Brian Smile The Motivational Speaker and a Life Coach

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *