ZAMA MAJOLA
Ngesikhathi kubungazwa usuku lukaMandela International Day, uNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda KwaZulu-Natal, uMnu. Martin Meyer, uzibophezele ekutheni uzokweseka isikole sabafundi abanenkinga yokungezwa emadlebeni, esidonsa kanzima ngokwezimali. NgoLwesihlanu lomhlaka-18 Julayi uNgqongqoshe, ehambisana nenhloko yoMnyango wakhe uDkt. Vish Govender kanye neKhansela lika-ward 97 kuMasipala weTheku u-Andre Beegte bachithe imizuzu engu-67 esikoleni sabafundi abangezwa eThekwini eManzimtoti eNingizimu yeTheku lapho bebambe iqhaza ekupendeni izikhungo zesikole.
Lesi sikole sibe sesidlulisa ukuthi sikweleta uMasipala u-R1,5 million wamanzi kanye no-R800, 000 kagesi. Isikole sithe konke lokhu kudalwe wukuvuza kwamanzi angaphansi komhlaba okungaziwa kanye nokwebiwa kwamakhebuli. Lesi sikole sinabafundi abangaphezudlwana kuka-300, abanye babo bakhubazeke ngokomqondo futhi bane-autistism. Banomelaphi oyedwa vo ngaphakathi esikoleni, lokho kubanikeza izinkinga.
Ekhuluma kulo mcimbi uNgqongqoshe uzibophezele ukuthi uzoseseka isikole wamemezela ukuthi uzosebenzisana nenhlangano engekho ngaphansi kukahulumeni ukulungisa ukuvuza kwamanzi esikoleni. UMeyer, oseyisakhamuzi esisha saseManzimtoti, uthe bekuyisinqumo sekhabhinethi ukuthi bonke oNgqongqoshe kumele bakhethe isikole abazoseseka njengokugubha usuku lukaMandela. Uthe ukhethe lesi sikole ngoba uhlezi edlula kuso nsuku zonke uma eya noma ebuya emsebenzini. UNgqongqoshe uthe okwesibili okumenze wakhetha lesi sikole ukuthi umfowabo naye ungomunye wabakhubazekil abanenkinga yokungezwa.
“Esinye isizathu ukuthi uMnyango wami usebenzisana kakhulu nabantu abaphila nokukhubazeka kangangokuthi kwaze kwadingeka ukuthi sithuthukise i-App esiza abakhubazekile ukuthi bathole imisebenzi,” kusho uMeyer. U-MEC uthe njengoba izwe lisendaweni enzima njengamanje ukukhumbula uMandela nokulingisa ubuholi bakhe akukaze kubaluleke kangaka umchaze njengomholi ozidelayo nowasebenza ngokuzimisela. UNgqongqoshe uthe uMandela ubezithanda nezingane ezibiza ngabaholi bakusasa ngakho kubalulekile ukuthi nabaholi abasha beseke izingane ngoba ziyikusasa.

