SBU MAMBA
Ezase Chloorkop Amasandawana iShoeshine and Piano iMamelodi Sundowns izogadulisana nabafana base Congo i-St Eloi Lupopo esigabeni samaqoqo (Group Stages) emqhudelwaneni omkhulu wase Africa iCAF Champions League , kuboshelwe izikhondlakhondla zase Africa ku Group C o-MC ALGER eqeqeshwa inziswa yalapha eNingizimu Africa uRulani Mokwena, Al Hilal SC, SAIINT ELOI LUPOPO neSundowns kushube kakhulu asazi iyozala nkomoni.
Amasandawana asefomini enhle kulezinsuku, selokhu kuqale isizini entsha ye Betway Premiership ishaywe kanye kuligi , ihleli esicongweni seligi ngamaphuzu angu-22 emidlalweni engu-11 kanti ne CAF Champions League bayiqale kahle betalabha iRemo Stars ngembudlu yamagoli angu 7-1. Ngonyaka odlule iShoehsine and Piano iphume kuma Finals alomqhudelwano ishaywa iPyramids yaseGibhithe ngo 3-2 eCairo Stadium. Umqeqeshi we -Mamelodi Sundowns uphethe abadlali abasezingeni eliphezulu, abaphathi baphinde bamthengela abagadli base Portugal abasezingeni eliphezulu oNuno Santos noMiguel Reisinho bese kuba u-Authur Sales wase Brazil noMarcelo Allende ( South America.
Esewonke amaqembu azogijima ku CAF Champions League amikanje: FAR RABAT yase Morroco, SIMBA yase Tanzania, AL HILAL yase Sudan, JS KABYLIE yase Algeria, Rivers United yase Nigeria, MAMELODI SUNDWONS yase South Africa, iPETRO DE LUANDA (Angola), iPOWER DYNAMOS yase Zambia iPYRAMIDS yase Gibhithe, iESPERANCE yase Tunisia, STADE MALIEN yase Mali, RS BERKANE yase Morocco, ST ELOI LUPOPO ( DR CONGO).

