Umculi  odume ngelika Joocy ubuye ngamandla kowe-Afro-Pop

Igama  lami  ngu-Musa Mavundla endaweni yase Herbardine eMzumbe ngikhule ngicula kusonto sikole nokuthi ngikhule ekhaya elinomthetho oqinile. Lokho okuyikho okwangenza ngangatholakala ezintweni ezehlisa isithunzi sami.

Ukuqala kwami  ukubona ukuthi nginesiphiwo emculweni bekuthi uma kunezivakashi ekhaya  bese ngibizwa ngizoziculela. Umama wami ongasekho wayevele akhale uma esengicula  yize ngangingakabi usaziwayo lokho okwakuyizinkomba zokuthi ikhona lento yokuba umculi kimi. Igama elithi Joocy bangetha lona ngenxa yephimbo lami babebodwa ababethi  uJoocy voice nokwagcina kuphase elika joocy. Ngahlangana no DJ Tira eminyakeni eyishumi nesikhombisa eyedlule nalapho sahlangana esakwi qembu elaziwa nge-Afrosoul. Icwecwe lami lokuqala lalibizwa nge-Definition Of Soul enezingoma eziwu-15. Ingoma eyashintsha impilo yami ile ethi, won’t let you go esayenza ngokuhlanganyela no DJ Tira.  Zikhona izingoma ezisanda kuphuma kukhona ethi “Amandla” ayenze no DJ Tira nenye ethi “Giyamama” lapho ehambisana khona neqembu lama Tycooler.

Maduze nje ngithembisa ukuthi ngizodedela uswazi lengoma ethi “Impumelelo” lapho ngisebenze khona no Xolwa, DJ Tira, Wanna Be Nation kanjalo no Dlala, Thukzin ne Champmasters. Isifiso esikhulu ukuthi ngisebenze nabaculi bamazwe ngamazwe.

Ngibonga umndeni wami, UMnu. Mbongeni Ngema ongasekho, DJ Tira, Afrotainment team kanjalo nabalandeli bami  okunye esingakwazi ngaye, uyayisaba inyoka kanjalo nobugebengu. Umyalezo asishiya nawo: ‘’Ungayijahi impilo sebenza kanzima, uhloniphe abantu nomhlaba.”  kulabo abadinga ukuxhumana no Joocy.YouTube: Joocy, Facebook: Joocy MaVundla noma  Joocy Music, Tiktok: Joocy6

Instagram: @Joocy _afroZ@Joocy_afrosa bookings : +2769 7985 306 / 082 8357 266

Noma Joocy.afro@gmail.com.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *