ZAMA MAJOLA
Kwethulwe imishini emisha ebizwa ngama-cranes eTransnet Port Terminals. UNgqongqoshe wezokuThutha u-Barbara Creecy uthi uxhaxha olusha lwama-cranes omkhumbi oya ogwini echwebeni laseThekwini luzosiza u-Transnet ukuthi usebenzisane kahle namanye amazwe. I-Transnet Port Terminals ithi lena ingenye yezintuthuko ezinkulu ezinhlobonhlobo ezintsha ezizosiza ekutheni kusebenzeke kahle ezimeni ezinomoya ovunguzayo.
Umoya ohelezayo obuseThekwini muva nje unikeze ithuba okhrane abasha ukukhombisa amandla abo uma belwa namafindo. UNgqongqoshe uCreecy uthi eminye imishini esele isakhiwa kanti kulindeleke ukuthi iqale ukusebenza maduze. UCreecy udalule ukuthi izingcezu ezine zemishini ngayinye zibiza u-R260 million futhi zizovala isikhala semikhumbi emidala esesifinyelele ekupheleni komjikelezo wokuphila kwayo. “Laba okhreyini babaluleke kakhulu ngoba bayakwazi ukulayisha futhi behlise imikhumbi yama-container ngesivinini” engeza.

