BATHOLWE BENECALA ABASOLWA ABANTSHONTSHA AMAKHEBULI NJENGOBA UMASIPAPA WETHEKU  EQINISA UKUVIKELWA KWENGQALASIZINDA

UMasipala waseThekwini uyaqhubeka nokuqinisa imizamo yokulwa nokwebiwa kwamakhebuli, okuholele ekutheni labo ababandakanyeka kule misebenzi yobugebengu batholakale benecala enkantolo.
Lezi zigwebo ziqinisekisa ukuzibophezela koMnyango Wezokuphathwa Kwamandla ekuvikeleni ingqalasizinda kaMasipala kanye nasekuthuthukiseni ukulethwa kwezinsiza emphakathini.

Esigamekweni sakamuva, owesilisa oneminyaka engu-53 ubudala, obeyisisebenzi somkhiqizi (contractor), utholakale enecala eNkantolo kaMantshi yaseThekwini ngokuba nempahla okusolakala ukuthi yebiwe, okubandakanya izintambo zikagesi nesibani somgwaqo.
Ukuboshwa kwakhe kwenzeka ngonyaka ka-2023 ngesikhathi sokusebenza ngokubambisana, okubandakanya ukuhlolwa kwezindawo zomthengisi wezinsalela (scrap dealer), lapho kutholakale khona impahla kaMasipala ebiwe.

Uphenyo olwalandela lwaholela ekwenzeni ezinye izihlolo.
Lezi zihlolo zithole imiqulu emibili yezintambo zikaMasipala waseThekwini, ezinye izingxenye zezibani zomgwaqo, kanye nobufakazi bokucutshungulwa kwezintambo ngokungemthetho ekhaya komsolwa.

Umqondisi woMnyango Wezokuphathwa Kwamandla, uPhilani Shange, uzwakalise ukudumala ngokubandakanyeka kwesisebenzi somkhiqizi kule misebenzi yobugebengu.
“Kuyadabukisa ukubona abantu abaqashwe ukusiza uMasipala ekulethweni kwezinsiza ezibalulekile bekhetha ukuzibandakanya ekwebiweni. Izenzo zabo azigcini nje ngokwehlisa isithunzi sabasebenzi bethu, kodwa ziphinde ziphazamise imizamo yethu yokuthuthukisa izinsiza emiphakathini,” kusho uShange.

Ngaphezu kwalesi sigwebo sakamuva, abanye abantu ababili bajezisiwe ngasekupheleni konyaka odlule ngamacala ahlobene nalokhu.
Owesilisa oneminyaka engu-44 utholakale enecala lokuba nezintambo zikagesi okusolakala ukuthi zebiwe, wagwetshwa iminyaka emithathu ejele, isigwebo sonke samiswa iminyaka emihlanu.
Kwesinye isigameko, owesilisa oneminyaka engu-32 watholakala enecala lokuphazamisa ingqalasizinda ebalulekile wagwetshwa iminyaka eyisithupha ejele, ingxenye yesigwebo yamiswa iminyaka emihlanu.

UMnyango Wezokuphathwa Kwamandla uyaqhubeka nokusebenza eduze nezinhlaka zokugcinwa komthetho ukuqinisekisa ukuthi abenzi bobugebengu bokwebiwa kwengqalasizinda bayalethwa phambi kobulungiswa, kugcizelelwa umyalezo wokuthi le misebenzi yobugebengu ayisoze yamukelwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *