Abezikole zokufundisa ukushayela izimoto bakhala ngokusebenza kwesikhungo saseMkhondeni

UMnu. Sazi Msomi onguSihlalo wePMDSA Pietemaritzburg Association  eyengamele izikole zokushayela izimoto (Driving Schools) endaweni yase Pietermaritzburg ubike ukuthi babhekene nenkinga enkulu abangakaze babhekana nayo soloko baqala ukuba kwimboni yama Driving School ewukuthi umphakathi wase Pietemaritzburg unenkinga yokuthi awusavunyelwa ukungena ePietemaritzburg Testing Center njengenjwayelo obungena ngakhona.

Echaza ngesikhalo sabo uMsomi, othumele I-VN kwiphephandaba iKZN Namuhla,  uthi sekuthathwa isibalo isingange-70 sabantu abazosifaka. Lokho kwenza ukuthi abantu bavuke ngabo-3 eyintatha baye koma ulayini, nakhona uma befika lapho sekunabantu abamile abalinde ukungena ngaphakathi asebanele lesi sibalo abasifunayo.Kuthi nalaba abafike benza lesi sibalo abasifunayo kuyenzeka bangakwazi ukungena ngenxa yokuqolana kwabantu ngendlela engekho emthethweni.

Lesi simo senza ukuthi abantu uma befika eMkhondeni Testing Center bethi bazofuna usizo bangalutholi ngoba manje sekunaloluhlelo olusha. Uthi uma bebuza ukuthi kwenzakalani babaphendulwa ngelithi banabasebenzi abancane, kwathathwa abasebenzi abaningi basiwe kwiSection yaka Transport kwangafakwa abanye abantu. Inkinga yesibili kunemishini emisha abangakayazi  kahle ukuthi isebenza kanjani abanye abasebenzi, kanti ne system yabo iphansi okuyinto eyenza ukuthi ungasebenzeli umphakathi waseMkhondeni ungalutholi usizo.

Inkinga yesithathu  abantu abasuka eThekwini beyofuna usizo eMkhondeni kanti eThekwini inama Testing Center awu-4 kanti bona baneyodwa kuphela ekuwuMkhondeni . ubesebika ukuthi abantu baseThekwini bafika ngamakhumbi abathuthwayo bezokwandisa isibalo sabantu ekufuneka sisizakale ube umkhondeni unabasebenzi abancane.

Abantu sebebhekene nenkinga yokuthi sebehlala isonto lonke belokhu bejikiswa usizo bengalutholi kuthiwe sekugcwele besho lesi  sibalo esingu-70 abasivulela isango uma befika ekuseni bezoqala ukusebenza. Abantu bagcina sebehleli ngaphandle kwesango benethemba lokuthi kungathiwa mabangene, lapho abanayo nedawo yokuzikhulula uma befuna ukuzisiza, azikho izitulo zokuthi bahlale njengoba kunabantu izimo zabo zempilo ezingezinhle labo bantu abakwazi ukunakekeleka eMkhondeni.

Uthike isikhalazo sabo sisekutheni bangakutholi ukusetshenzwa ngendlela efanele eMkhondeni. Ubesethi abagculisekile ngokuthi eMkhondeni bakhala ngezinsiza kusebenza bathi ziyashoda kube kufika nabantu baseThekwini. Banombuzo wokuthi kanti yini lena engaka eyenza ukuthi abantu  bashiye iTheku  baye eMkhondeni. Siyafisa ukuthi nomnyango uke ungenelele ufake amehlo ubheke ukuthi yini le engaka, Sicela umnyango usiphe izimpendulo ukuba nathi kumele sifune amakhumbi azosisa kothola usizo kwezinye izindawo sishiye eyethu na?

UMnyango wezokuThutha KwaZululu-Natali unxusa abantu baseThekwini ukuthi bayeke ukusebenzisa isikhungo saseMkhondeni

Esithombeni uMnu Ndabezinhle Sibiya okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natali- Isithombe sithathwe ekhasini likaFacebook

Ephendula okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natali uNdabezinhle Sibiya uthi nabo bayalwazi udaba lwaseMkhondeni wathi inkinga idalwe ukwanda kwabantu abaqhamuka eThekwini beya eMkhondeni bethuthwa ngamabhasi namatekisi bezobhuka ukubhala ama-Learners nama PDP ekubeni besenenkinga yokusalela emuva kwabanye ababhukha ngonyaka ophelile, kodwa abangakwazi ukungena ngenxa yokugcwala kakhulu kwezicelo.

USibiya naye uvumile ukuthi impela kunenkinga yabantu bama Driving Schools abanxenxwa ukuthi balethe abantu babo eMkhondweni asola ukuthi kungenxa yokuthi bamenywa ukuthi beze kulesikhungo ngoba sebethole indlela yokuzenzela imali.

USibiya ube esenxusa  abama-Driving Schools ukuthi abayeke  ukuletha abantu esikhungweni saseMkhondweni ngoba naseThekwini zikhona izikhungo ezisebenzayo ezifana neRossburgh,Verulam kanye nePinetown nazo lezikhungo zenza umsebenzi ofanayo nase Mkhondeni. “Egameni loMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natali sinxusa umphakathi waseThekwini ukuthi uyeke ukuthutheleka eMkhondeni, ngoba zikhona ezinye izikhungo ezifana ne-Rossburgh, Verulam kanye nePinetown abangazisebenzisa.” Kuphetha uSibiya

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *