Sanibonani sizwe sakithi nakulonyaka, ngiyabingelela enyangeni yothando, ngicela ukunipha nawu umphako wendlela kulonyaka ngicela niqaphele ningazibambezeli ngokuphilela abantu abangakusizi ngalutho. Abangane abangalungile bayayilimaza impilo yomuntu, uma ufuna ukubona ushintsho empilweni yakho kulonyaka qaphela ubungane obakhayo nabantu, yini enikhuluma ngayo manihlangene? Izinto enikhuluma ngazo engabe ziyanakha noma aziniletheli lutho. Ungahambi kakhulu nabantu eningakhani nabo kodwa nibe nikhohlisane .
Obhalayo uKatlego Nare

