I-The Glass Recycling Company iyisa umkhankaso wokuqoqwa kwamabhodlela engilazi emiphakathini ukuze ikhulise uhlelo lokugaywa kabusha eNingizimu Afrika

Kusukela ngoSepthemba kuya kuDisemba, i-The Glass Recycling Company (TGRC) izohambela imiphakathi ezifundazweni ezinhlanu ukuze ifundise ngokugaywa kabusha kwengilazi, ikhulise uhlelo lokuqoqwa kwayo futhi ivulele abantu amathuba okubamba iqhaza nokuzitholela imali.

EGOLI,  Ukukhulisa uhlelo lokuqoqwa kwengilazi eNingizimu Afrika kudinga ukuxhumana ngqo nabantu asebevele beyenza lo msebenzi emiphakathini, ngesikhathi kuvulelwa nabanye amathuba okubamba iqhaza.

Yingakho i-The Glass Recycling Company (TGRC) izogxila emiphakathini kusukela ngoSepthemba kuya kuDisemba, iqhubeka nomsebenzi wayo wokwandisa nokuqinisa ukuqoqwa kwengilazi ezweni lonke.

Ngemikhankaso ezokwenziwa emiphakathini kanye nemihlangano ebizwa ngama-Town Hall Sessions, i-TGRC izohambela izifundazwe ezinhlanu:

  • IGauteng
  • IKwaZulu-Natal
  • IWestern Cape
  • ILimpopo
  • IFree State

Le nkampani izoxhumana ngqo nabantu asebevele beqoqa ingilazi, abafisa ukuqala ukuyiqoqa, izikhungo ezithenga izinto ezigaywa kabusha, ezaziwa ngama-buy-back centres, amabhizinisi kanye nemiphakathi.

Inhloso enkulu yalolu hlelo ukukhulisa nokuqinisa uxhaxha lwabaqoqi bengilazi kanye nezikhungo eziyithengayo. Laba bantu nezikhungo badlala indima ebalulekile ekuqoqweni kwamabhodlela nezimbiza zengilazi ukuze kufakwe ohlelweni lokugaywa kabusha.

“Ukugaywa kabusha kwengilazi kuqala ngokuyiqoqa. Sesiyibonile indima ebalulekile edlalwa ngabaqoqi kanye nezikhungo ezithenga izinto ezigaywa kabusha ekufakeni ingilazi eningi ohlelweni lokugaywa kabusha,” kusho isikhulu esiphezulu se-TGRC, uShabeer Jhetam.

“Manje sigxile ekwandiseni nasekuqiniseni lolu xhaxha, siphinde sakhele abantu abaningi amathuba okubamba iqhaza. Kukhona ithuba lokukhulisa ukuqoqwa kwengilazi ngesikhathi kudalwa namathuba okuba abantu bazitholele imali ngokugaywa kabusha kwezinto.”

Imikhankaso ezokwenziwa emiphakathini izonikeza i-TGRC ithuba lokuhlangana nabantu asebeqoqa ingilazi, abafisa ukuqala lo msebenzi, osomabhizinisi abaphethe ama-buy-back centres kanye nezakhamuzi.

Izophinde ifundise abantu ngendima abangayidlala nokuthi bangaba kanjani yingxenye yohlelo olukhulayo lokugaywa kabusha kwengilazi.

Kulabo abaqoqa ingilazi, lolu hlelo luzogcizelela ukubaluleka komsebenzi asebewenza wokuqoqa izinto zengilazi ezisasebenziseka emakhaya, emabhizinisini, emathaveni, ezindaweni zokudlela nakwezinye izindawo.

Ezikhungweni ezithenga izinto ezigaywa kabusha, kuzogxilwa ekuqiniseni nasekukhuliseni uxhaxha lwezindawo ezamukela futhi ziqoqe ingilazi ukuze ihanjiswe ezindaweni zokugaywa kabusha.

“Lokhu kumayelana nokwandisa umsebenzi osuvele wenziwa. Bangaphezu kuka-50 000 abantu asebeqoqa ingilazi nsuku zonke futhi sifuna ukubona lolu xhaxha luqhubeka nokukhula,” kwengeza uJhetam.

“Kukhona namabhizinisi asekela umsebenzi wokuqoqwa kwengilazi kanye nemiphakathi lapho kusengaqoqwa khona ingilazi eningi. Indima yethu ukuqinisa lokhu kuxhumana nokusiza ekudaleni amathuba okuba abantu abaningi babe yingxenye yalolu chungechunge lomnotho.”

Imihlangano yama-Town Hall Sessions izohlinzeka ngenkundla yezingxoxo ezivulekile phakathi kwe-TGRC, imiphakathi, abaqoqi bengilazi, izikhungo eziyithengayo kanye nabanye ababambiqhaza kulo mkhakha.

Abazohambela le mihlangano bazokwazi ukubuza imibuzo, babelane ngolwazi nangamava abo futhi bathole ukuqonda kangcono ngamathuba nezinto ezidingekayo ukuze babambe iqhaza emkhakheni wokugaywa kabusha kwengilazi.

Abaqoqi bengilazi, abaphathi bezikhungo ezithenga izinto ezigaywa kabusha kanye namabhizinisi anentshisekelo yokuba yingxenye yalolu hlelo bayakhuthazwa ukuba baxhumane ne-TGRC ukuze bathole ulwazi olwengeziwe ngendlela abangabamba ngayo iqhaza.

Imininingwane egcwele yalolu hlelo, okuhlanganisa izinsuku nezindawo okuzobanjelwa kuzo imikhankaso, izomenyezelwa ezinkundleni zokuxhumana ze-TGRC.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *