
IMeya kaMasipala weTheku, uKhansela Cyril Xaba, uNgqongqoshe Wezohwebo, Izimboni Nokuncintisana, uParks Tau, kanye noNdunankulu waKwaZulu-Natali, uThamsanqa (Thami) Ntuli, ngesikhathi bevula ngokusemthethweni umcimbi weSouth African Auto Week 2026 eDurban ICC mhla ziyi-13 – 16 Okthoba 2026.
SHEILA MHLONGO
Umcimbi omkhulu wemboni yezokukhiqizwa kwezimoto, owaziwa nge-South African Auto Week (SAAW) 2026, uqale ngokusemthethweni e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini, mhla ziyi-13 – 16 Okthoba 2026.
Lo mcimbi uhlanganise abaholi bakahulumeni, izikhulu zezinkampani ezikhiqiza izimoto kanye nabatshalizimali, ngenhloso yokudingida amathuba okuthuthukisa izimboni, ukuheha utshalomali nokukhulisa umnotho ngendlela ezobandakanya wonke umuntu.
Lo mcimbi wezinsuku ezine, oqale mhla ziyi-13 ozophela mhla ziyi-16 kuOkthoba 2026, usingathwe nguHulumeni waKwaZulu-Natali kanye noMasipala weTheku, ngokubambisana nenhlangano i-naamsa | The Automotive Business Council.
Umcimbi ubanjwe ngaphansi kwesiqubulo esithi “Ukuguqula Imboni Yezimoto eNingizimu Afrika: Ukuhlomisa Abantu Ngamakhono, Ukukhulisa Abahlinzeki Bezinsiza Nokwakha Umnotho Wezimoto Ezisebenza Ngogesi.”
Ngosuku lokuqala, uhlelo belugxile ekuguqulweni kwemboni yezimoto, lapho kudingidwe khona ukuthuthukiswa kwamakhono abasebenzi, ukuqiniswa komkhakha wokukhiqizwa kwezimoto ezisebenza ngogesi (Electric Vehicles – EVs) kanye nokukhuthazwa kokubamba iqhaza kwamabhizinisi endawo emnothweni.
Kulolu hlelo bekunezingxoxo eziholwa uMnyango Wezohwebo, Izimboni Nokuncintisana (Department of Trade, Industry and Competition) kanye nenhlangano i-naamsa, lapho ababambiqhaza bexoxe khona ngekusasa lemboni yezimoto eNingizimu Afrika.
Kulindeleke ukuthi lo mcimbi uhehe izithunywa ezingaphezu kuka-5 000, okubalwa kuzo abamele uhulumeni, izinkampani ezinkulu ezikhiqiza izimoto emhlabeni kanye nabalingani bezohwebo bamazwe ngamazwe.
Enye yezinhloso ezinkulu zalo mcimbi ukuheha izethembiso ezintsha zotshalomali ezingafinyelela ku-R95 billion esifundazweni saKwaZulu-Natali.
Lokhu kukhombisa ukuzimisela kwesifundazwe ukuqinisa isikhundla saso njengendawo ehamba phambili ekukhiqizweni kwezimoto nasekuheheni abatshalizimali.
Ekhuluma kulo mcimbi, iMeya kaMasipala weTheku, uKhansela Cyril Xaba, igcizelele ukubaluleka kokuguqulwa kwemboni yezimoto ukuze amathuba ezomnotho afinyelele kubantu abaningi.
“Uguquko akusona isenzo sokupha abantu usizo, futhi akumele lwenziwe nje ukuze kugcwaliseke izidingo zomthetho. Luyisidingo esibalulekile kwezomnotho nasekuziphatheni ngendlela efanele.
“Imboni engabandakanyi iningi labantu bakithi ayikwazi ukuzishaya isifuba ngokuthi isikulungele ukubhekana nezinselelo zekusasa,” kusho uXaba.
Uqhube wathi iSouth African Auto Week inikeza uhulumeni kanye nezimboni inkundla yokusebenzisana ekubhekaneni nezinqubomgomo ezibalulekile, ukweseka ushintsho oluya ezimotweni ezisebenzisa ezinye izinhlobo zamandla, ukuqinisa ukukhiqizwa kwezimoto kuleli kanye nokudala amathuba amabhizinisi kuyo yonke imikhakha ehlobene nemboni yezimoto.
KuMasipala weTheku, ukusingatha lo mcimbi omkhulu kuqinisa isikhundla seDolobha laseThekwini njengendawo ebalulekile kwezohwebo, ezokuthutha nokusatshalaliswa kwezimpahla, ukukhiqizwa kwemikhiqizo kanye nokutshalwa kwezimali.
Lo mcimbi uphinde unikeze iDolobha ithuba lokukhangisa ngamandla alo ezimboni kanye nokwakha ubudlelwano obusha obungasiza ekuthuthukiseni umnotho nasekudaleni amathuba emisebenzi.
Njengoba uhlelo luqhubeka kuze kube mhla ziyi-16 kuMfumfu, izingxoxo zizogxila ekuvuleni amathuba amasha otshalomali, ekusheshiseni uguquko lwezimboni nasekwakheni imboni yezimoto ekwazi ukuncintisana emazingeni omhlaba futhi ebandakanya bonke abantu.
Lo mcimbi, oqhubeka kwaze kwaba mhla ziyi-16 Okthoba 2026, ugxile ekuguqulweni kwemboni yezimoto, ekukhuthazeni ukusetshenziswa kwezimoto ezisebenzisa amandla ahlukile kanye nasekuheheni utshalomali olusha oluzothuthukisa umnotho wakuleli.
Umthombo: Uphiko Lwezokumaketha Nokuxhumana lukaMasipala weTheku.

