UPhilile Goge one-NPO usesize abaningi

Owesifazane osemncane  uPhilile Goge  onenhlangano engenzi nzuzo usesize abaningi. NPO Siphe Cultural Group esineminyaka engaphezulu kweyishumi yasungulwa ibihlele uchungechunge lwemicimbi ebise  Kranskop Grounds.

Inhloso yalomcimbi kwakuwukuqoqa imali (Fundrising) ukuze leNPO izokwazi ukulungiselela nokubhekana nezidingo ze-Exhibition Career ebanjwa njalo ngoSepthemba  izoba isiza ngemikhakha eyehlukene. UNksz. Goge uphinde wakuveza ukuthi kulomcimbi abayishiyanga  ngaphandle indaba yokuhlukunyezwa kwabesifazane kanye nezingane okuyi Gender Base Violence. Uphinde wabonga abakwaze ukuthi babaxhase ngezinto ezifana nesi stage, sound system nokunye ukuze lomcimbi ubeyimpumelelo.

Ubonge nezinkulumo ezakhayo  ebezikhona zinkulumo ezakhayo zizobe nabaculi Abanye ebebekhona  uBrian Smile The Motivational Speaker nabaculi abehlukene kanti loluchungechunge alugcinanga kulendawo mhlaka-05  Okthoba besise MABONENG kwaNdongaziyaduma. Ngolwazi oluningi ungaxhumana nale-NPO WhatsApp/Call: 063 1709 109.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *