UNdunankulu uthi imfundo yamaKhansela ingukhiye ekulethweni kwezidingo

ZAMA MAJOLA

UNdunankulu waseKZN, uMnu. Thami Ntuli, uthe imfundo yamakhansela oMasipala iyonanto esemqoka ekuqiniseni ukuhanjiswa kwezidingo kubantu. UNdunankulu uvele phambi koMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe  lapho echaza ngezinhlelo zesifundazwe zokuthuthukisa ukulethwa kwezidingo emiphakathini. UNtuli uthe amakhansela kumele aqonde ukuthi akhona ukuze asebenzele umphakathi. Uthe nakuba amanye amakhansela engafundi emanyuvesi kodwa asasebenza kahle. Ugcizelele nokuthi ukubaluleka kwemfundo ngeke kweqiswe. “Okubaluleke kakhulu ukuthi kumele sibe nabeluleki abafanele, abanobuchwepheshe obuzobenza baqonde futhi badlale indima yabo yokwengamela komasipala.Ngakho-ke, imfundo ibaluleke kakhulu” engeza.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *