I-GBV kumele ixazululwe yithi kusho uMbalula

ZAMA MAJOLA

UNobhala-jikelele we-ANC uMnu. Fikile Mbalula usenxuse abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bazibambele mathupha ekulweni nodlame nokubulawa kwabesifazane (GBVF), wathi lolu daba kumele izwe lonke lilusingathe ngokubambisana. Ekhuluma esithangamini nabezindaba mayelana nemiphumela yekomiti le-ANC kuzwelonke (NWC), uMbalula uthe lezi zinkinga zizoxazululwa uhulumeni.

“Angilwisani nokubhikisha ngoba ufuna umhlaba ubone ukuthi sinenselelo ebizwa nge-GBV kodwa ekugcineni, kumele ixazululwe yithi,” usho kanje. Lokhu kuza njengoba inhlangano iWomen for Change icele ukuthi kuvalwe izwe lonke ukuze kubhikishelwe i-GBVF. UMbalula uthe okubalulekile ukuthi lowo osenkingeni yokuhlukunyezwa alubike lolu daba emaphoyiseni ukuze kuzoboshwa ngokushesha laba benzi bobi. Udlulise nokuthi kumele sibambisane ukuthi kuliwe nalesi sihlava.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *