Sikhuphukile isibalo sabokufika kuleli abaphindiselwa emazweni abo kuleminyaka emibili

SHEILA MHLONGO

UMnyango wezaseKhaya uqhubekile nokuphindisela emuva abantu abangaphandle kwezwe abangekho emthethweni ababalelwa ku-109 344 eminyakeni emibili yezimali edlule, okukhombisa ukukhuphuka okukhulu kwezinyathelo zokuphoqelela umthetho.

“Ngemikhankaso eqhubekayo efana ne-Operation New Broom, kanye nokusetshenziswa okwandayo kwamathuluzi okuqinisekisa ubuwena nge-biometric, sesikhuphule kakhulu izinga lokudingiswa kwabantu ngo-46%,” kusho uNgqongqoshe wezaseKhaya, uDkt Leon Schreiber, ngoLwesine lomhlaka 9  esitatimendeni esikhishelwe abezindaba.

Lokhu kukhuphuka kugqamisa ukuqiniswa kwemizamo yokuphoqelela umthetho maqondana nokwephulwa kwemithetho yokufuduka kwabantu, kugcizelela ukuzibophezela komnyango kanye nabalingani bawo ekubuyiseleni ukubusa komthetho.

Onyakeni wokuqala wombuso wamanje, izinga lokuphindiselwa emuva kwabantu lenyuke ngo-30% — lisuka ku-39 672 ngo-2023/24 laya ku-51 560 ngo-2024/25. Lokhu kwalandelwa ukukhuphuka okwengeziwe ngo-12% kwafinyelela ku-57 784 ngo-2025/26.

Sekukonke, inani labadingisiwe kule minyaka emibili yezimali lenyuke ngo-46%, lafika ku-109 344 ngo-31 Mashi 2026.

“Lezi zibalo zikhombisa ukuthi sesiqala ukuvuna imiphumela yezinguquko ezigxile ekwandiseni ukusebenza kahle kanye nokuqinisa izinyathelo zokulwa nokwephulwa kwemithetho yokufuduka kwabantu,” kusho uNgqongqoshe.

Unxuse abantu abahlala ezweni ngokungemthetho ukuba bazihambise ngokwabo ngaphambi kokuboshwa, exwayisa ngokuthi ukudingiswa kungaholela ekuvinjelweni kokungena kabusha eNingizimu Afrika ngokusemthethweni.

“Nakuba imizamo yokuphoqelela umthetho ikhombisa imiphumela emihle futhi ikhula minyaka yonke, sisagxile ngokulinganayo ekuvimbeleni nasekuvuseleleni izinhlelo zethu.

“Ukusetshenziswa kobuchwepheshe bezindiza ezincane (ama-drone) kanye namakhamera agqokwa emzimbeni sekulethile umehluko, kanti nokwandiswa okuzayo kohlelo lwe-Electronic Travel Authorisation (ETA) luzoqopha imininingwane ye-biometric kubo bonke abangena ezweni lethu, okuzokwenza kube lula kakhulu ukuthola nokubopha noma ubani oseNingizimu Afrika ngokungemthetho,” kusho uNgqongqoshe. – SAnews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *