
UMasipala waseThekwini kanye neBhodi Elibhekele Ukuhlukaniswa Komasipala (Municipal Demarcation Board – MDB) babambe umhlangano wokugcina wokubonisana nabaholi bendabuko ePinetown Civic Centre mhla zingama-21 ku-Meyi 2026, ukubanikeza ulwazi ngenqubekela phambili yohlelo lokuhlukaniswa kwama-Wadi.
UMxhumanisi we-MDB KwaZulu-Natal, uMthobisi Manzini, uveze ukuthi nakuba uhlelo lokuhlukaniswa kwama-wadi luthathe isikhathi eside kakhulu uma kuqhathaniswa nabanye omasipala ezweni, manje umsebenzi wokugcina wokunquma imingcele yama-wadi eThekwini usuphothuliwe futhi usudluliselwe ngokusemthethweni kwiKhomishini Ezimele Yokhetho (IEC) ukuze iqale izinhlelo zayo.
Uthe inani lama-Wadi kuMasipala waseThekwini lizokhuphuka lisuke ku-111 liye ku-112, kanti iwadi entsha izoba sesifundeni esisenyakatho yeDolobha. Uphinde wathi ingxenye yeWadi 5, okuyindawo yaseMophela, isifakwe ngaphansi kukaMasipala waseMkhambathini.
Ngaphezu kwalokho, ingxenye yeWadi 4 endaweni yaseMakwatas isifakwe ngaphansi kweWadi 103, engaphansi kukaMasipala waseThekwini. Lezi zinguquko zizoqala ukusebenza emva kokhetho loHulumeni Bezindawo lwango-2026.
UMqondisi Omkhulu eHhovisi loMphathi weDolobha, uSipho Cele, uthe ukubambisana kwabahlali kubalulekile ukuze lolu hlelo luhambe kahle ngaphandle kwezinkinga.
Uthe kube nezinhlelo zokubonisana nomphakathi ezifundeni eziyisithupha ukuze kuqoqwe imibono neziphakamiso zabahlali.
Wengeze ngokuthi kuzophinde kube nezingxoxo noMasipala waseMkhambathini kulungiselelwa ukudluliswa kwezimpahla, abasebenzi kanye nesabelomali.
“Siyazi ukuthi kunamathuna abengaphansi kukaMasipala waseThekwini kodwa manje azodluliselwa kuMasipala waseMkhambathini. Kuzoqalwa uhlelo oluhle lokudlulisa lokhu ukuze kungaphazamiseki ukuhlinzekwa kwezidingongqangi emphakathini. Uhlelo lokuhlukaniswa kwama-wadi luhloselwe ukuphucula ukuphathwa komasipala kanye nokuthuthukisa ukuhlinzekwa kwezinsiza emphakathini,” kusho uCele.
Ngaphambi kwempelasonto yokubhalisa ukuvota ezokuba mhla zingama-20 nama-21 kuJuni, iMenenja Yesifunda ye-IEC eThekwini, uSibongiseni Nkomo, unxuse abahlali ukuthi bavuselele imininingwane yabo ohlwini lwabavoti.
Ukhumbuze abahlali ukuthi mabaphathe omazisi babo abaluhlaza abanebhakhodi noma ama-smart ID card.
“Abahlali bazovota kuphela ewadini ababhalise kuyo ukuvota. Sizokwenza imikhankaso eqondiswe ezindaweni ezithintekile, kanti ukubhalisa kuyaqhubeka kulezo ziwadi ezathinteka ohlelweni lokuhlukaniswa kweziwadi,” kusho uNkomo.

