
Iqembu labesifazane leBanyana Banyana- ISITHOMBE SITHATHWE KU-FABOOK PAGE
UNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko, uGayton McKenzie, unxuse iqembu lesizwe lebhola labesifazane, iBanyana Banyana, ukuba lingadikibali futhi lihlale lizigqaja naphezu kokukhishwa kwalo kwiNdebe Yezizwe Zase-Afrika Yabesifazane (WAFCON 2026).
“Ukwehlulwa kungokwesikhashana, kodwa uthando lwethu ngeBanyana Banyana luhlala njalo. Kukhona esikufundile, futhi sizobuya sesiyithimba elingcono. Ziphakamiseni amakhanda, zintokazi,” kusho uNgqongqoshe embhalweni awushicilele enkundleni yezokuxhumana i-X.
Ithimba lesizwe lebhola labesifazane liphume kwi-WAFCON ngemuva kokuhlulwa ngo 2-1 yiMorocco, ebisingathe lo mqhudelwano, ngoMgqibelo ebusuku.
“IBanyana Banyana izithole isilandela ngegoli elilodwa esiwombeni sokuqala, ngemuva kokuba uSakina Ouzraoui eshaye igoli lokuqala lomdlalo ngomzuzu ka-31. IMorocco iphinde yanikwa iphenalthi ekuqaleni kwesiwombe sesibili,” kusho iSouth African Football Association (SAFA).
Umdlalo wangoMgqibelo womhlaka 8 Agasti wama-quarter-final ubudlalelwa eMoulay el Hassan Stadium, eRabat.
“Abadlali bakaMqeqeshi uDkt Desiree Ellis balwile bakwazi ukubuyela emdlalweni, bafaka iqembu lasekhaya ngaphansi kwengcindezi. UThembi Kgatlana ushaye igoli leBanyana Banyana ngomzuzu ka-67. IBanyana Banyana ilwe kanzima izama ukuthola igoli lokulinganisa, kodwa ekugcineni iMorocco yakwazi ukuvikela isibhaxu sayo yadlulela esigabeni esilandelayo somqhudelwano,” kusho iSAFA.
Khonamanjalo, uMEC wezeMfundo, ezeMidlalo, ezobuCiko, amaSiko nezokuNgcebeleka eGauteng, uLebogang Maile, uncome ithimba ngokulwa kwalo kanzima kwi-WAFCON.
“Ithimba lenze konke okusemandleni alo, kodwa ngeshwa akwanelanga ukuba lidlulele esigabeni esilandelayo kulokhu. Kuyadabukisa ukuthi uhambo lweBanyana Banyana kulo mqhudelwano luphele ngendlela ebingalindelekile.
“Sisaziqhenya ngeBanyana Banyana naphezu kokukhishwa kwayo kulo mqhudelwano, njengoba ikhombise isibindi, ukuzimisela nokubekezela. Ithimba lilwe ngobuqhawe namaqembu anzima ase-Afrika phakathi nawo wonke umqhudelwano. Sibonga umqeqeshi, abadlali nethimba labaqeqeshi ngokungadikibali ngemuva kwesiqalo esinzima. Bekungelula ukufinyelela esigabeni somkhumulajezi, kodwa benze konke okusemandleni abo.
“Ukuzimisela kwabo ukuqhubeka nokulwa kukhombisa umoya wabesifazane bango-1956, abangazange bantengantenge ngisho nalapho izimo zinzima. Njengoba sigubha iminyaka engu-70 yemashi yomlando yabesifazane, sifisa ukukhuthaza iBanyana Banyana ukuba ingapheli amandla, kodwa ifunde kulabo abayandulela njengoba ilungiselela ikusasa,” kusho uMEC.
Lokhu kwenzeka ngesikhathi uhulumeni ekhuthaza bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba bahlangane beseke ithimba futhi bagubhe ibanga eselilihambile.— SAnews.gov.za
Top of Form
Bottom of Form

