
Iqembu le Fully Loaded Experience ebelijabulisa izethameli eWushini
NOMTHANDAZO MAGOSO
EWUSHWINI: Umcimbi wezobuciko namasiko i-Fully Loaded Experience (FLE) ujabulise izethameli ngesikhathi uphothulwa ngesasasa eWushwini Pan African Centre for Arts, Culture and Heritage, mhla ziyi-15 Agasti 2026.
IKZN Namuhla Community Newspaper ibiphakathi kwezihambeli ebezimenyiwe ukuzozibonela lo mcimbi ohlelwe waqondiswa nguNksz Lumkah “Febulous” Mlambo.
Lolu hlelo lwezobuciko lwaqala eThekwini ngoJulayi 2026, lwabe seluphothulwa ngomcimbi obuhlanganisa umculo odlalwa bukhoma, umbukiso wobuciko obubonakalayo, ukubukiswa kwefilimu eyidokhumentari, ukudla kanye nomdlalo waseshashalazini othi UNWELE – My African Crown.
Inhloso ye-FLE bekuwukugubha nokukhuthaza ubunikazi bama-Afrika, ngesikhathi kugcinwa amasiko namagugu ukuze kudluliselwe ezizukulwaneni ezizayo.
Umdlalo othi UNWELE – My African Crown
Uhambo lweKZN Namuhla kulo mcimbi luqale ngokubukela umdlalo waseshashalazini onamandla othi UNWELE – My African Crown.
Lo mdlalo awugcinanga ngokujabulisa izethameli kuphela, kodwa uphinde wazixhumanisa nezimpande, umlando kanye nobunikazi bazo njengabantu base-Afrika. Ubuye waveza ukubaluleka kwezinwele ekuchazeni ubuhle, isithunzi, amasiko kanye nobuwena bomuntu wase-Afrika.
Ngemva kwalo mdlalo, izihambeli zivakashele igalari eyayibukisa ngemisebenzi yobuciko ngaphansi kwesihloko esithi Ngingum’Afrika – This Is My Identity. Lo mbukiso ubuhlolisisa ubunikazi bama-Afrika, izinkumbulo, umlando kanye namasiko kusetshenziswa izinhlobo ezahlukene zobuciko.
Abaculi ababambe iqhaza kulo mbukiso kubalwa uNtokozo Mhlongo, uSinazo Gamedala, uNjabulo Mngwengwe, uSiphamandla Mkhize, uMbaliyethu Mabuza kanye noSinobom Vutha.
Imisebenzi yobuciko ethinte izihambeli
Phakathi kwemisebenzi egqame kakhulu bekukhona ekaMbaliyethu Mabuza ethi Umxhumanisi, ebiza u-R2 800. Lo msebenzi uchaza izinwele njengendlela yokukhula ngokomoya nokuxhumana namadlozi.
Umsebenzi kaNjabulo Mngwengwe othi Head of Ife, obiza u-R3 000, uhlonipha amasiko abantu baseYoruba kanye nobuhle bomdabu.
UNtokozo Mhlongo wethule umsebenzi othi The Crown, obiza u-R3 000. Ngalo msebenzi uhlose ukwenza amasiko ase-Afrika abonakale ehambisana nesikhathi samanje, ukuze intsha iwathande futhi iziqhenye ngawo.
Umsebenzi kaSinobom Vutha othi Waves of Heritage, obiza u-R4 700, uchaza izinwele “njengengobo yomlando ephilayo” egcina ulwazi namagugu ezizukulwane.
USinazo Gamedala wethule umsebenzi othi Holy Ground, obiza u-R5 000, ohlola imfuduko kanye nezindlela abantu abazihambayo empilweni.
USiphamandla Mkhize yena wethule umsebenzi othi Tranquility, obiza u-R3 500, ogxile ekuphulukisweni, ekuthuleni nasekuvuselelekeni.
Yonke le misebenzi ibibukiswa ngaphansi kobuholi bukaNksz Mlambo, onguMqondisi we-FLE, oqinisekise ukuthi amasiko ase-Afrika ayagcinwa, athuthukiswe futhi adluliselwe ezizukulwaneni ezizayo.
IWushwini Pan African Centre for Arts, Culture and Heritage ikhombise ukuthi ayisona nje isikhungo sobuciko, kodwa iyikhaya lapho kuxoxwa khona izindaba zabantu base-Afrika, kugcinwe amagugu futhi kufundiswe intsha ukuzigqaja ngemvelaphi yayo.
IKZN Namuhla ibonga uNksz Lumkah “Febulous” Mlambo ngesimemo kanye nabo bonke ababambe iqhaza ekwenzeni i-Fully Loaded Experience ibe yimpumelelo.

