UMhlonishwa u-Bongi Sithole-Moloi usenguSihlalo omusha wamakomidi esiShayamthetho saKwaZulu-Natali

UMhlonishwa uNksz Bongi Sithole-Moloi njengoSihlalo wamaKomidi  esiShayamthetho KwaZulu-Natali

SHEILA MHLONGO

USomlomo wesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMhlonishwa uNontembeko N. Boyce, ukwamukele ukukhethwa kukaMhlonishwa uNksz Bongi Sithole-Moloi njengoSihlalo wamaKomidi. USithole-Moloi ukhethwe ngazwi linye ngesikhathi somhlangano wesiShayamthetho obubanjwe namuhla.

USithole-Moloi uyisishayamthetho esinamava, esesisebenze iminyaka eminingi njengommeleli womphakathi. UbenguSihlalo weKomidi Lephothifoliyo Lezokongiwa Kwemvelo Nezindaba Zemvelo. Ungena esikhundleni sikaMhlonishwa uDkt Ntuthuko Mahlaba, odlule emhlabeni kabuhlungu engozini yemoto ekuqaleni kwale nyanga.

USomlomo uBoyce uhalalisele uSithole-Moloi, waveza ukuthi uyamethemba ukuthi uzokwazi ukwengamela nokudidiyela ngempumelelo imisebenzi yawo wonke amakomidi esiShayamthetho. La makomidi athathwa njengezinjini eziqhuba umsebenzi wesikhungo.

UBoyce uqhubeke wathi: “Siyaqiniseka ukuthi uSihlalo wethu omusha wamaKomidi uzokwenza kahle kakhulu emsebenzini wakhe omusha wokudidiyela nokuqapha imisebenzi yamakomidi ethu. La makomidi anomsebenzi wokuqinisekisa ukuthi iminyango kahulumeni iyaziphendulela ngezabelomali zayo nangendlela esebenza ngayo. Lokhu kungenxa yamava akhe amaningi njengesishayamthetho nanjengelungu langaphambilini lesiGungu esiPhezulu sesiFundazwe.

“USithole-Moloi ubuye abe ngumuntu ofanele ukudidiyela ngempumelelo izinkundla zokubamba iqhaza komphakathi ngenxa yamava akhe njengoSihlalo weKomidi Lephothifoliyo Lezindaba Zemvelo,” kusho uBoyce.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *