I-FNB  yethula i-eWallet Cash Advance ukuze isize amakhasimende uma edinga imali encane

Isikhangiso se FNB ngohlelo olusha lwe -eWallet

SHEILA MHLONGO

15 Septhemba 2026 – I-FNB isiqhamuke  nohlelo lwayo lwe-eWallet Cash Advance yaphinde yethula i-FNB Connect Prepaid Advance, ngenhloso yokusiza amakhasimende afanelekile uma ebhekene nokushoda kwemali noma edinga ukuhlala exhumene.

Ngohlelo oluthuthukisiwe lwe-eWallet Cash Advance, amakhasimende afanelekile angakwazi ukuboleka imali ephakathi kuka-R50 no-R500. Angakhetha ukuyikhokha phakathi kwezinsuku eziyisi-7, eziyi-14 noma ezingama-30, kuye ngokuthi umuntu ufaneleka kanjani.

I-FNB ithi izosebenzisa ubuchwepheshe besimanje ukuhlola ukuthi ikhasimende lingakwazi yini ukukhokha imali eliyibolekile. Lokhu kuhloswe ngakho ukukhuthaza ukuboleka ngendlela efanele futhi kugwenywe ukufaka amakhasimende ezikweletini angakwazi ukuzikhokhela.

I-eWallet isisetshenziswa ngabantu abangaphezu kwezigidi eziyisi-7. Ngaphandle kokuthumela nokwamukela imali, amakhasimende angayisebenzisa ukukhokha izikweletu, ukuthenga ugesi, ama-voucher ne-airtime, ukwenza i-PayShap nama-EFT, kanye nokukhipha imali ezitolo ezibambisene ne-FNB.

Ngonyaka odlule, amakhasimende asebenzise imali engaphezu kuka-R53 billion nge-eWallet. Kusukela kwethulwa isevisi yayo ku-WhatsApp ngoMashi 2026, sekube nokuxhumana okungaphezu kwezigidi eziyi-12.

Usizo lwe-airtime nedatha

I-FNB Connect Prepaid Advance izovumela amakhasimende afanelekile ukuthi athole ngokushesha i-airtime, idatha noma imizuzu yokushaya izingcingo, ngisho nalapho engenayo imali eyanele yokuthenga lokhu ngaleso sikhathi.

Le sevisi izotholakala amahora angama-24 ngosuku nge-FNB App noma nge-USSD, ngaphandle kokuma kulayini noma ukugcwalisa amaphepha. Inhloso yayo ukusiza amakhasimende aqhubeke nokuxhumana nemindeni, umsebenzi, izifundo kanye nezinsiza ezitholakala ku-inthanethi.

Izinzuzo ze-eWallet Cash Advance

  • Ukuboleka imali esukela ku-R50 kuya ku-R500.
  • Ukukhetha ukukhokha ngezinsuku eziyisi-7, eziyi-14 noma ezingama-30.
  • Ukufinyelela kuma-statement emalimboleko nomlando wokuthengiselana.
  • Ukufaka isicelo nge-USSD noma nge-WhatsApp.
  • Izindlela ezithuthukisiwe zokuzisiza nokukhokha ezizotholakala ngo-Okthoba.

I-FNB ithi lezi zinhlelo zenzelwe ukusiza amakhasimende abhekene nezindleko ezingalindelekile noma adinga ukuhlala exhumene lapho imali yawo ibekelwe ezinye izidingo ezibalulekile.

Okubalulekile: Le mali iyisikweletu okufanele sikhokhwe. Amakhasimende kufanele ahlole inzalo, izindleko, imigomo yokukhokha kanye nenani eliphelele azolikhokha ngaphambi kokwamukela i-Cash Advance. Ukutholakala kwalezi zinsiza kuncike ekufanelekeni kwekhasimende.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *