
Inkampani ehlinzeka ngemalimboleko i-Atlas Finance isifinyelele eqophelweni elibalulekile ngokuvula amagatsha angu-300 ezweni lonke, ngenhloso yokusondeza izinsiza zezimali emiphakathini.
Ngesikhathi ezinye izikhungo zezimali namabhange zinciphisa amagatsha azo, i-Atlas Finance yona iyaqhubeka nokwandisa izindawo lapho abantu bengathola khona usizo lwezimali.
Le nkampani, eyasungulwa ngo-1994, isineminyaka engaphezu kwengu-30 ihlinzeka ngemalimboleko yesikhashana kubantu baseNingizimu Afrika. Kusukela yasungulwa, isisize abantu abangaphezu kwezigidi ezintathu.
UMqondisi obhekele ezobungozi kule nkampani, uNiresh Gopichand, uthe ukuvulwa kwamagatsha amasha akusho nje ukukhula kwebhizinisi kuphela, kodwa kukhombisa nesidingo esikhulu sezinsiza zezimali emiphakathini.
Uthe abantu abaningi, ikakhulukazi labo abangakwazi ukuthola kalula usizo emabhange, basadinga izindawo lapho bengakhuluma khona nabasebenzi ubuso nobuso, babuze imibuzo futhi baqonde kahle imigomo yokuboleka imali.
NABASEBENZI BASEZINDLINI NABASEZINGADINI BAYASIZWA
Enye yezinhlelo zale nkampani ukubolekisa ngemali kubasebenzi basezindlini kanye nalabo abasebenza ezingadini.
Lolu hlelo lwaqalwa eminyakeni emithathu edlule, kanti ngokwenkampani, selukhule ngamaphesenti angu-49.2 uma kuqhathaniswa nonyaka odlule.
Ngaphansi kwalolu hlelo, umuntu angacutshungulelwa imalimboleko kusetshenziswa ubufakazi bemali ayithola nge-akhawunti yasebhange, ngaphandle kokuphoqeleka ukuba abe nephepha lomholo (payslip).
Lokhu kusiza abantu abasebenzayo kodwa abangenawo amaphepha omholo, okuyinto evame ukubavimbela ekutholeni izinsiza zezimali ezisemthethweni.
UGopichand uthe kubalulekile ukuthi abantu bathole izindlela eziphephile nezisemthethweni zokuboleka imali kunokuba baphoqeleke ukuya kobolekisa ngemali ngokungemthetho, abaziwa ngokuthi omashonisa.
KUBALULEKILE UKUTHOLA USIZO UBUSO NOBUSO
Nakuba ubuchwepheshe besimanje sebwenza abantu bakwazi ukuthola izinsiza eziningi nge-inthanethi, i-Atlas Finance ikholelwa ukuthi amagatsha asabalulekile.
Lokhu kungenxa yokuthi eminye imiphakathi isabhekene nezinkinga zokungabi nayo i-inthanethi, ukubiza kwedatha kanye nokungabi nolwazi olwanele ngezindaba zezimali.
Inkampani ithi ukuba namagatsha emiphakathini kusiza abantu ukuthi bathole incazelo ecacile ngaphambi kokuthatha izinqumo ezithinta imali yabo.
Amagatsha aphinde abe negalelo ekudaleni amathuba emisebenzi.
Ngaphezu kokuhlinzeka ngemalimboleko, le nkampani ithi iphinde ifundise amakhasimende ngendlela yokuphatha izimali, ukuqonda amalungelo awo kanye nokugwema ukuboleka imali ngendlela engawabeka engcupheni.
INIKELE NGAMAKHOMPYUTHA E-INTANDO PRIMARY SCHOOL
Ukujabulela ukuvulwa kwegatsha layo lesi-300 eHammersdale, KwaZulu-Natali, i-Atlas Finance inikele ngamakhompyutha e-Intando Primary School.
La makhompyutha azosiza abafundi ukuthi bakwazi ukusebenzisa i-inthanethi, bafunde ngamakhompyutha futhi bathuthukise amakhono obuchwepheshe azobasiza ezifundweni zabo nasesikhathini esizayo.
IKhansela laseHammersdale, uMalulu Sikakane, likwamukele ngezandla ezifudumele ukuvulwa kwaleli gatsha kanye nomnikelo owenziwe esikoleni.
USikakane uthe lokhu kutshalwa kwezimali kuzokwenza kube lula ukuthi izakhamuzi zithole izinsiza zezimali eduze nalapho zihlala khona.
Uphinde wabonga inkampani ngokucabangela izingane zomphakathi, wathi amakhompyutha azoba wusizo olukhulu ekuthuthukiseni ulwazi lwabafundi kwezobuchwepheshe.
INKAMPANI ITHEMBISA UKUQHUBEKA NOKUSIZA IMIPHAKATHI
UGopichand uthe nakuba bejabulela ukufinyelela emagatsheni angu-300, umsebenzi wokwenza izinsiza zezimali zifinyelele kubantu abaningi usaqhubeka.
Uthe ukubolekwa kwemali ngendlela efanele kungasiza umuntu ukuthi akwazi ukuthenga ukudla, aqhubekisele phambili ibhizinisi elincane, akhokhele izingane imali yesikole noma abhekane nezimo eziphuthumayo.
Nokho, kubalulekile ukuthi abantu baqonde kahle imigomo yemalimboleko futhi baqinisekise ukuthi bazokwazi ukuyikhokha.
Kubalulekile kubathengi: Ngaphambi kokuthatha imalimboleko, qiniseka ukuthi uyazi ukuthi uzokhokha malini sekufakwe inzalo nezinye izindleko, nokuthi imali ozoyikhokha njalo ngenyanga ngeke ikufake enkingeni yezimali.
Umbuzo kubafundi: Ngokubona kwakho, ingabe amagatsha ezikhungo zezimali asabalulekile emiphakathini, noma sekungcono ukuthi zonke izinsiza zitholakale nge-inthanethi?
Umthombo: Isitatimende sabezindaba se-Atlas Finance.

