
Amalunga ePhalamende laseNingizimu Afrika abethamele inkulumo ka Ngqongqoshe wezeziMali uMnu Enock Godongwane ethula Isabelomali se Budget Mid Term -2026
SHEILA MHLONGO
Uhulumeni waseNingizimu Afrika usubeke eceleni kabusha imali engu-R3.8 billion ukuze kuqiniswe ukuvikelwa kwabesifazane, kulandela ukwanda kwezigameko zokubulawa nokuhlaselwa kwabesifazane ezweni.
Le mali izosetshenziswa esikhathini soHlelo Lwesabelomali Sesikhathi Esimaphakathi (Medium-Term Expenditure Framework – MTEF) oluqala ngo-2027, ukuze kuqashwe osonhlalakahle abangu-3 552 abazobamba iqhaza ekusizeni nasekuvikeleni abantu abasengozini.
Uhulumeni uphinde wabela imali engu-R186 million ukuqinisa ukusebenza kohlelo lwezobulungiswa, ngokwandisa amakhono nezinsiza zokuphenya amacala kanye nokuhlolwa kobufakazi besayensi obusetshenziswa emacaleni obugebengu.
Lokhu kumenyezelwe nguNgqongqoshe wezeziMali, u-Enoch Godongwana, ngesikhathi ethula iSitatimende Senqubomgomo Yesabelomali Sesikhathi Esimaphakathi (Medium-Term Budget Policy Statement – MTBPS) ePhalamende ngoLwesithathu.
UGodongwana uthe le mali ihlose ukufeza isimemezelo sikaMengameli Cyril Ramaphosa mayelana namazinga aphezulu ngendlela engamukelekile odlame olubhekiswe kwabesifazane kanye nokubulawa kwabo ngenxa yobulili (Gender-Based Violence and Femicide – GBVF).
ZIZOKWANDISWA IZINKANTOLO EZIBHEKENE NAMACALA ODLAME LOCANSI
UNgqongqoshe uthe uhulumeni uhlela ukwandisa izinkantolo ezikhethekile ezisingatha amacala odlame locansi, zisuke kwezingu-55 ziye kwezingu-101.
Uphinde waveza ukuthi izikhungo zosizo ezaziwa ngokuthi amaThuthuzela Care Centres, ezihlinzeka ngosizo kubantu abadlwenguliwe, zizokwandiswa zisuke kwezingu-72 ziye kwezingu-80 ngonyaka wezimali ka-2028/2029.
Lezi zikhungo zibalulekile ngoba zisiza izisulu zokudlwengulwa ngokuhlinzeka ngosizo lwezempilo, ukwelulekwa ngokwengqondo kanye nokusekelwa ngesikhathi kuqhutshekwa nophenyo lwamacala.
UGodongwana uthe:
“Ukuze kuthuthukiswe ukusebenzisana kanye nokuqapha indlela uhulumeni abhekana ngayo nodlame olubhekiswe kwabesifazane nokubulawa kwabo, kwabelwe uMnyango Wabesifazane, Intsha Nabantu Abaphila Nokukhubazeka imali eyengeziwe engu-R157.4 million.”
KUBEKWE ECELENI IMALI YOKUQHUBEKA NEZINHLELO ZOKULWISANA NE-HIV/AIDS
Khonamanjalo, uhulumeni uphinde wamemezela ukuthi imali engu-R556.7 million izohlelwa kabusha ukuze kuqinisekiswe ukuthi izinsiza zokulwa ne-HIV/AIDS ziyaqhubeka nokusebenza.
Lokhu kulandela ukuhoxiswa koxhaso lwezimali oluvela ohlelweni lwaseMelika olwaziwa nge-President’s Emergency Plan for AIDS Relief (PEPFAR).
Le mali izokwengeza ku-R3.8 billion esivele ihlelwe kabusha ngaphansi kwesibonelelo sezinhlelo zezempilo ezifundeni.
Uhulumeni uthi lezi zinyathelo zihlose ukuqinisekisa ukuthi izisulu zodlame ziyaluthola usizo, amacala ayaphenywa ngendlela efanele, kanti nezinsiza zezempilo ezibalulekile ziyaqhubeka nokutholakala emphakathini.
Umthombo: SAnews.gov.za – 21 Okthoba 2026

