
Isithombe: Umsebenzi wezempilo ugoma usana ngomgomo ojwayelekile osindisa impilo emtholampilo wokunakekelwa kwezempilo okuyisisekelo eThekwini. Lokhu kuyingxenye yemizamo eqhubekayo kaMasipala yokuvikela izingane ezifweni ezithathelwanayo ezingagwemeka ngokugonywa
SHEILA MHLONGO
ETHEKWINI: UMasipala weTheku usuphumelele ukufinyelela ezingeni lika-92.1% lokugonywa kwezingane onyakeni wezimali ka-2025/26, wedlula umgomo kazwelonke ongu-90%. Lokhu kukhombisa ukuzibophezela kukaMasipala ekuvikeleni impilo nenhlalakahle yezingane.
Zingu-25 312 izingane ezigonywe ngokugcwele ngonyaka wezimali ka-2025/26. Lokhu kukhombisa impumelelo yezinhlelo eziqhubekayo zikaMasipala zokunakekelwa kwezempilo kanye nemikhankaso yokufinyelela emiphakathini.
Ukugonywa kwezingane kusengenye yezindlela ezibaluleke kakhulu nezisebenza ngempumelelo ekuvikeleni izifo.
Imigomo ivikela izingane ezifweni eziyingozi ezingaholela nasekufeni, okubalwa kuzo isifo sofuba (TB), uvendle (polio), isimungumungwane, udiphtheria, ukhwehlela olubi (whooping cough), umhlathi-ngqi (tetanus), isifo sokusha kwesibindi sohlobo B (hepatitis B), izifo ezibangelwa amagciwane e-pneumococcus kanye nesifo sohudo esibangelwa yi-rotavirus.
Lezi zifo zingadala izinkinga ezinkulu zempilo, ukukhubazeka noma ukufa uma zingavinjelwa.
Imigomo yezingane itholakala mahhala emitholampilo kahulumeni
Ibamba likaMqondisi wezokuNakekelwa kweMpilo okuyisisekelo, uNeli Duma, lithe izinsiza zokugonywa kwezingane zitholakala kalula kuzo zonke izindawo zeTheku.
“Imigomo yezingane itholakala kuzo zonke izikhungo zikahulumeni zokunakekelwa kwezempilo okuyisisekelo, okubalwa kuzo imitholampilo kaMasipala neyesiFundazwe.
“Lezi zinsiza zinikezwa mahhala ngaphansi kohlelo lukazwelonke lokugonywa kwezingane, i-Expanded Programme on Immunisation. Lokhu kuqinisekisa ukuthi zonke izingane ezifanele ukuthola imigomo ziyakwazi ukuyithola, kungakhathalekile ukuthi imindeni yazo imi kanjani ngokwezimali,” kusho uDuma.
Abazali bayanxuswa ukuba balandele izinsuku zokugonywa kwezingane
Ochwepheshe bezempilo bagcizelela ukubaluleka kokulandela uhlelo lokugonywa kwezingane ngezikhathi ezibekiwe.
Lolu hlelo lwenzelwe ukuvikela izingane ngesikhathi zisencane, lapho zisengozini enkulu yokungenwa izifo ezithathelwanayo.
Abazali kanye nabanakekeli bezingane ezingayitholanga imigomo ngesikhathi esifanele bayanxuswa ukuba baphuthume emitholampilo eseduze.
Abasebenzi bezempilo bazohlola ibhukwana lengane lezempilo, i-Road to Health, ukuze babone imigomo esele bese beyinikeza ingane ngokohlelo lokugcwalisa imigomo ephuthelwe.
UMasipala ulwa nokungabaza kwabazali ngokugonywa kwezingane
UMasipala weTheku uyaqhubeka nemikhankaso yokufundisa umphakathi ngokubaluleka kokugonywa kwezingane.
Lokhu kubandakanya ukunikeza abazali ulwazi olusekelwe ocwaningweni lwezesayensi, ukulungisa imibono eyiphutha kanye nokuxhumana ngqo nabazali nabanakekeli.
Abasebenzi bezempilo babhekwa njengabanye babantu abathenjwa kakhulu uma kukhulunywa ngolwazi olumayelana nemigomo.
Ngakho-ke, badlala indima ebalulekile ekuqwashiseni imiphakathi ngezinzuzo zokugonywa kwezingane.
Izibalo zokugonywa kwezingane eminyakeni edlule
Nakuba izinga lokugonywa kwezingane liye lehla kancane eminyakeni edlule, uMasipala weTheku uqhubekile nokwenza kangcono kunomgomo kazwelonke.
Ngokwezibalo zikaMasipala:
- Ngonyaka wezimali ka-2022/23 izinga lokugonywa lalingu-105%.
- Ngonyaka wezimali ka-2023/24 lehlela ku-96.5%.
- Ngonyaka wezimali ka-2025/26 lifinyelele ku-92.1%.
UMasipala uthi ukwehla kwalezi zibalo kudalwa ngokwengxenye ukufuduka kwabantu, okuhlanganisa omama abathuthela kwezinye izindawo nezingane zabo.
Lokhu kuthinta izibalo zabantwana ezisetshenziswa ukubala izinga lokugonywa.
Naphezu kwalokhu, izinga lokugonywa kwezingane eThekwini lisalokhu lingaphezu komgomo kazwelonke obekiwe.
Azikho izifo ezingavinjelwa ngemigomo ezibikwe ukuthi ziqubuke eThekwini
Ngokwesitatimende sikaMasipala, azikho izigameko zokuqubuka kwezifo ezingavinjelwa ngokugonywa ezibikiwe ngaphakathi kwemingcele kaMasipala.
Lokhu kukhombisa imizamo eqhubekayo yokugonywa kwezingane kanye nokubambisana okuhle phakathi kwabasebenzi bezempilo nemiphakathi.
UMasipala weTheku unxusa bonke abazali nabanakekeli ukuba baqinisekise ukuthi izingane zabo zithola yonke imigomo edingekayo.
Uphinde wagqugquzela imiphakathi ukuba iqhubeke nokusebenzisana nabasebenzi bezempilo ukuze kwakhiwe imiphakathi enempilo, eqinile futhi ekwazi ukumelana nezifo.
UMTHOMBO: Uphiko lwezokuXhumana nokuMaketha lukaMasipala weTheku (eThekwini Municipality Communications and Marketing Directorate).

