UPhila Ncube ucela umuntu ozomuxhasa ngekhamera yokushutha amaVideo

UPhila Ncube(29) odabuka eMtubatuba, KwaShikishela eBhekamandla  ungene endimeni yokuba usomahlaya wakuTik Tok ngonyaka owedlule ngenyanga kaJanuary ngegama likaKaine.

“Ngawuqala sakudlala ngalama video okuba usomahlaya ngangingazi ukuti abantu bazongithanda kangaka ngoba ngisho langihamba khona abantu bayajabula uma bengibona baphinde bangikhuthaze ngokuncoma ama video basho nokuthi ngiqhubeke ngiwaqophe, lama video engiwenzayo ngisebenza noBabu Dokotela njengoba ngiyaye ngihlanganise ama video akhe kanye nawami kukhona inkulumo mpikiswano eyihlaya phakathi kwethu. Ubabu Dokotela Zuma inyanga yaseThekwini esebenza ngamakhambi esintu esiza abantu kuyo yonke inkinga umuntu asuke ebhekene nayo uyatholakala kulezinombolo: 063 689 8922/082 459 1816”.

“Engikufisa kakhulu ukuthola umuntu ongangipha uxhaso lwekhamera ngoba iyona into engiyisebenzisa kakhulu kanti futhi ngiyathanda ukuthi amavideo eseqophelweni eliphezulu ukuze abantu baqhubeke bawathakasele” kusho uKaine.

Uma ufisa ukubona umsebenzi kaKaine ungavakashela kuTiktok ubheke uKaine Ncube kanti uma ufuna ukuxhumana naye mayelana nokumuxhasa ungashayela kulenombo: 0795456638.