Inhlangano ebhekele izindaba zokusebenza koMasipala kuleli iSouth African Local Government Association (SALGA) inombono wokuthi manje sekuyisikhathi sokuthi kukhishwe ipolitiki kwezokwengamela umsebenzi woMasipala. Lokhu kuhlaluke ngesikhathi iSALGA ibambe isigcawu sokubonisana phakathi kweziMenenja, iziMeya kanye noSomlomo.
Kafushane iSALGA ibonakala ikhathazekile mayelana nokugxambukela kosopolitiki emsebenzini wokwengamela ukusebenza komasipala lokhu okubizwa phecelezi political interference and cadre deployment.
Umbuzo ke uthi ingabe izinhlangano zepolitiki ezengamele oMasipala abehlukene ziyokwazi yini ukuhambisana nalombono weSALGA njengoba kunesihlava sokungathembani futhi kukhona nesimo sokudlanga kwenkohlakalo, noma lesigcawu bekuyinto nje yokuqhuba isikhathi.

