Kucelwa abantu baqaphele isifo sekholera

SAMUKELISE MBONAMBI

UNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Joe Phaahla, umemezele  ngokushona kokuqala okuhlobene nesifo sekholera njengoba isibalo sabagulayo esiqinekiswe yilabhorethri sinyuke safinyelela kwabahlanu(5). Lokhu kuza ngemuva kokuthi uMnyango umemezele izigameko ezintathu ekuqaleni kwale nyanga.

Ngokusho komnyango, umufi obengowesihlanu kuleli. Uhlonzwe njengowesilisa oneminyaka engu-24 ubudala ohlala Emandleni Wattville, eKurhuleni, ongenamlando wokuhamba.

“Isiguli sihlaselwe yisifo sohudo esinamandla sangeniswa esibhedlela iTambo Memorial, imiphumela yaso iqinisekise ukuthi ubenaso isifo okudabukisayo wukuthi washona ngemuva kwezinsuku ezimbalwa engenile esibhedlala,” kusho uPhaahla.

Isidumbu sikamufi ngokusho komnyango sithuthelwe KwaZulu-Natali lapho singcwatshwele khona kanti izikhulu zezempilo ziluleke umndeni oshonelwe nabangcwabi ngendlela ephephile ukuze kugwenywe ukubhebhetheka kwalesi sifo.

Khonamanjalo, isigameko sesine  ngowesilisa oneminyaka engu-28 ubudala ohlala elokishini lase-Alexandra, eGoli, ongenawo umlando wokuvakasha wasekhaya noma wamazwe ngamazwe.

“Isiguli saziletha e-Edenvale Hospital Emergency Centre sinomlando wezinsuku ezine wokuhuda, ukuhlanza kanye nokuba buthakathaka komzimba.”

Isampula, ngokusho komnyango, iqoqiwe ukuze ihlolwe kanti isiguli asizange singeniswe esibhedlela sanikezwa imishanguzo esasizoya naso  ekhaya sase sicelwa ukuthi sibuye sizolanda imiphumela yaso neyabuya itshengisa ukuthi inayo ikhorela. Umnyango ungeze wathi ithimba elibhekele ukuqubuka kwezifo lenze uphenyo  futhi lavakashela lapho kuhlala khona isiguli kanye nasemsebenzini ngakusasa.

Ikholera itholaka emanzini angcolile ngokomnyango, abantu bangatheleleka ngokuphuza amanzi angcolile, noma ngokudla ukudla okunamanzi angcolile. Izimpawu zihlanganisa ukuphelelwa amanzi emzimbeni, ukuhlanza kanye nokuba buthakathaka komzimba.

Amalungu omphakathi ayakhunjuzwa ukuthi agcine ukuhlanzeka kwezandla ukuze kugwenywe ukusulelana ngezifo.