SHEILA MHLONGO
UNdunankulu waKwaZulu-Natali uNkk Nomusa Dube- Ncube usedlulise amazwi enduduzo emndenini wobuKhosi baKwaTembe emva kokuthi kudutshulwe kwabulawa ilunga lomndeni uMnu. Sandile Tembe obengumshana weNkosi uMabhudu Tembe
Ngokombiko othunyelwe kwabezindaba uthi uTembe ubeyilunga leManguzi Policing Forum futhi eyisishoshovu esilwa nobugebengu obuqhubeka kuleyandawo yaseManguzi yokushushumbiswa kwezimoto ziweliswa umngcele.
Umbiko uqhuba uthi uTembe udutshulwe ebusuku bangoMgqibelo ngomhlaka 4 Mashi eduze nase Tuck shop ngasekhaya lakhe eMfihlweni Royal Residencce eManguzi.
“Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaTembe, esizweni sonke kanye nasemphakathini wonkana ngesehlo sokulahlekelwa ilunga lawo uMnu Sandile Tembe obeyisishoshovu esilwisana nobugebengu bokushushumbiswa kwezimoto zeqiswa umngcele wakuleli. Kanti okusikhathaza kakhulu ukuthi lesisehlo senzeka emva kweviki kudutshulwe kwabulawa esinye isishoshovu uMnu Judah Mthethwa”. Kusho uNdunankulu uNomusa Dube –Ncube.
UDube-Ncube ube esenxusa abombutho wamaphoyisa ukuthi benze konke okusemandleni ukuthi bafune futhi babophe ababulali.
Nathi singuhulumeni waKwaZulu-Natali sizosebenzisana nohulumeni kazwelonke ngoba siyakholelwa ukuthi kumele kuthathwe izinyathelo ezisheshayo ukulwisana nalesihlava sobugebengu futhi sikholelwa ekutheni iNingizimu Afrika kumele isebenzisane namazwe angomakhelwane ukulwa nalobugebengu bokushushumbisa izinto emingceleni yakuleli”. Kuphetha uDube Ncube.– SAnews.gov.za

