I-ILGM inombono wokuthi  kushintshwe indlela yokuqashwa kweziMenenja zoMasipala

SHEILA MHLONGO

Inhlangano ebhekele izimenenja zoMasipala eyaziwa ngele Institute for Local Government Management (ILGM) inombono wokuthi sekuyisikhathi sokuthi oMasipala basebenze ngendlela ephrofeshinali (Proffesionalization of Municipalities) lokhu okuchaza ukuthi kumele kuhlukaniswe ipolitiki kanye nokwengamela umsebenzi wansuku zonke koMasipala.

Lombono uvezwe uSolwazi Mpilo Ngubane obemele i-ILGM ngesikhathi ethula inkulumo yakhe phambi kwamakhansela, iziMeya kanye nezimenenja ebezethamele isigcawu sokubonisana mayelana nendlela okumelwe kusetshenzwe ngayo koMasipala ebesibanjelwe eProtea Hotel ngoLwesibili lomhlaka 28 Febhuwari.

Echaza uSolwazi Ngubane uthe kubalulekile ukuthi uma kuqashwa izimenenja zoMasipala kulandelwe imigomo esemthethweni, ezokwazi ukuthi umuntu oqashwayo akwazi ukuqhuba kahle umsebenzi wakhe ngaphandle kokwesaba futhi angavumi ukufakwa ngekhanda osopolitiki ngoba lokho imenenja kungayifaka enkingeni yokuboshwa ngenxa yokuvuma ukuthatha izinqumo eziphambene nemigomo ebekiwe elawula ukusebenza kwabo oMasipala.

USolwazi uNgubane uthe ukwehlukanisa ipolitiki kanye nokwengamela imisebenzi yoMasipala ngokwemigomo ebekiwe kungasiza ukuthi zona iziMenenja zingazitholi zinengcindezi yokulalela ukudukiswa osopolitiki.