UKwanele Ndlovu ucela umphakathi umutovele kuFacebook

UKwanele Ndlovu (27) okhulele eMaritzburg KwaMpumuza kodwa osetholakala eThekwini, eNtuzuma ngokokuhlala ungene endimeni yezokudweba esafunda amabanga esikole aphansi.

Ekhuluma nephepha lomphakathi iKZN Namuhla uthe “ukudweba ngikhule kuyinto engiyithandayo kakhulu kangangokuba ngaze ngakhetha ukwenza isifundo zeGraphic Designer ekolishi lemfundo ephakeme iThekwini College ngonyaka ka2020. Uma umuntu efisa ngimudwebele okuthize ngiyadwebelana kanti sikhuluma nje bakhona abantu esengike ngabadwebela ngokwezifiso zabo” kuchaza uKwanele.

Eqhuba inkulumo yakhe uthe uyafisa ukuthola inkampani lapho ezokwenza khona i-inservice training njengoba kumele aqedele izifundo zakhe ze Art and Design ngokwenza ama practicals azomuvulela amathuba okuthi athole iDiploma yakhe okwamanje esandleni unesitifiketi sakwa N6.

“Okusha engifisa ukukwazisa abantu ukuthi ngizongenela umncintiswano kaQabs Mngadi lapho kuzowina khona umdwebi oyedwa ovelele ngakho ngiyacela ukuthi abantu bangeseke ngokuthi bangivotele enkundleni yezokuxhumana uFacebook” kuphetha uKwanele.

Uma ufisa ukuxhumana noKwanele ungashayela kulenombolo: 0846642751 etholakalayo naku whatsapp, uma ufuna ukubona umsebenzi wakhe ungavakashela izinkundla zokuxhumana ku-Facebook: Kwanele Fortune Ndlovu/ Instagram: kwanele_4tune.