USphamandla Sibiya waseMtubatuba kodwa otholakala KwaMashu esigcemeni sakaD ungene endimeni yokulingisa ngonyaka ka2014 kodwa uze wathola ukuqala ukuvela kumabonakude ngonyaka ka2016.
Ezixoxela ngowakhe nephephanda uthe: “ngibuye ngibe umculi koda engigxile kukho okwamanje ilokhu okweProduction, kulomkhakha ngiqale ngonyaka ka2014 kodwa ngize ngathola ukuvelela ngonyaka ka2016 kade ngithole ithuba lokulingisa movie enesihloko esithi GANGSTER LYF, kanti mumva nje sengike ngavela kuZalo ngidlala indawo kaShoti, ikwiDurban Gen ngilingisa indawo kaTsepo, abanye hlampe bangazi ngelika PK njengoba ngikwi-4bullet ku 1KZN movie,” kuchaza uSphandla.
Uthe abantu uyafisa bazi ukuthi kune casting agency iLinqanaue ephethwe uyena ngokubambisana noXolani Notshaya into abazimisele ngayo ukuthi basizebaphinde bavundulule abantu abanethalente lokulingisa abaqhamuka kuzo zonke izindawo ezahlukene.
“Ngiyacela abantu bajoyine i-agency eyazizwa nge-Linqanaue Casting Agency ukuze sibalekelele baphinde babuke imisebenzi yethu ku-xnotshayapictures” kusho uSphamandla.
Uma ufisa ukuxhumana noSphamandla mayelana nokujoyina noma ukubona umsebenzi aseke wawenza yena nethimba lakhe ungashayela kule nombolo: 0761985443 noma uthumele umyalezo kwi email: Ssibiya443@gmail.com.

