UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi kuleli uNksz Lindiwe Zulu, usenxuse ukuthi bonke abantu kumele babambisane nohulumeni ekuvikelweni kwezingane. Lokhu uzulu ukusho ngesikhathi kwethulwa umkhankaso we Child Protection Week ebingeSonto lomhlaka 28 Meyi, ubanjelwe James House Community Based Care Centre eHoutbay, eseCape Town.
Echaza uZulu uthe uMnyango wakhe uzibophezele ekuqiniseni umkhankaso wokuvikelwa kwezingane, wathi lokhu kungenzeka ngempumelelo ngokubambisana kwazozonke izinhlaka emiphakathini ngokwehlukana kwazo okuhlanganisa zonke izinhlaka kuhulumeni ngaphansi kwenjongo eyodwa.
Eqhuba uZulu uthe izingane ziyimiphefumulo engenacala edinga ukunakekelwa abantu abadala ukuze zibe nekusasa eliqhakazile.Wathi abantu abadala kumele babanikeze uthando, balalelwe futhi banikwe nemfundo ukuze ikusasa labo libe eliqhakazile.
UZulu ukhuthaze umphakathi ukuthi weseke izinhlangano ezizimele NPO ezinakekela abantwana, osonhlalakahle, othisha kanye nabobonke abantu abanza umsebenzi wabo ngokuzinikela begcina abantwana ukuthi bangabi uvanzi ezitaladini ezigcwele utshwala, izidakamizwa, abadlwenguli, kanye nabashushumbisi babantu, (Human Trafficing).
IChild Protection Week yethulwe ngaphansi isiqubulo esithi “Let us Protect Children during COVID-19 and Beyond”, okuyisimemo esibhekiswe kubobonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba badlale indima yabo ekuvikeleni ikusasa lezingane.SAnews.gov.za

