I-SIU izophenya iBhodi laseMngeni Water ngezinsolo zenkohlakalo

Abe Special Investigating Unit (SIU) sebejutshwe ukuthi baphenye iBhodi laseMngeni Water Board (UWB). mayelana nezinsolo zenkohlakalo kanye nokungaphathi kahle izimali.

Lokhu kuza emuva kokuthi uMengameli wezwe uMnu. Ramaphosa enikeze loluphiko ekhiphe umyalelo wokuthi loluphiko lweSIU luqalise uphenyo luphinde liqinisekise ukuthi zonke izimali zikahulumeni ezikhwabanisiwe ngemisebenzi yezinkampani zamathemda ziyabuyiswa.

“I-SUI izophenya zonke izimali ezikhwabanisiwe kanye nalezo ezisetshenziswe ngendlela engafanele zixhashazwa ngesikhathi sokusebenza kwe UWB, iphinde iphenye nabasebenzi kanye nezinkampani ezeziqashwa ukuthi zenze imisebenzi ethile”.Kucacisa isitatimende esithunyelwe abezindaba.

Loluphenyo lusukela ezinsolweni zokukhwabanisa nokuphatha izimali budedengu okwenzeka phakathi komhlaka 01 Mashi 2018 kuya ku 2 Juni 2023.

I-SIU ithi uma kuba nesidingo izobathathela izinyathelo zomthetho bonke abathintekayo ukuze kulungiswe konke okonakele futhi iphinde idlulise bonke ubufakazi obuyotholakala ngesikhathi sophenyo kwabe National Prosecuting Authority.– SAnews.gov.za