Sengathi ezinye izifundazwe zingathola isifundo kwesase Gauteng

Sengathi nezinye izifundazwe zakuleli zingabuka isifundo kwesase Gauteng.Kungenzeka ukuthi abanye abantu bangakubona njengemizamo yokuheha abavoti uma sekuyiwa okhethweni langonyaka ozayo lukazwelonke, kodwa iqiniso ukuthi iyabonakala imizamo eyenziwa kulesasifundazwe sokuvula amathuba emisebenzi ikakhulukazi kubantu abasha.

UNdunankulu wase Gauteng uMnu Phanyaza Lesufi uqalile ukubonisa ukuthi nohulumeni uyakwazi ukudala amathuba emisebenzi ngenhloso yokuthi kulwiswane nezinkinga ezikhungethe elakuleli laseMzansi ezifana nenkinga yobugebengu obuhamba phambili kunazozonke ezinye.

Phela ukuqashwa kwamalunga omphakathi kungaba enye yezindlela zokunciphisa izenzo zobugebengu ngoba phela izinswelaboya zikhona phakathi ezindaweni esihlala kuzona singumphakathi, kanti futhi ziyaziwa.

Ngakho ukuqashwa kwamalunga omphakathi kungenza kube nzima ukuthi
Izigebengu zicanase kalula ngoba ziyobona ukuthi abaqaphi baseduze kakhulu ukwedlula amaphoyisa lana asebonakala sengathi nawo athanda ukudembesela ukulwa nobugebengu.

Ngakho nezinye izifundazwe kuzomele zikhuphule amasokisi zikhiphe imali ebekelwe ukulwa nezenzo zobugebengu ziyisebenzise ukuqasha abantu abasha ngoba kungasiza kakhulu ukuthi nayo ibone ukuthi iyakwazi ukubamba iqhaza ezindabeni zokulungisa izwe ezinkingeni zalo.

Kodwa okungaba kuhle ukuthi uma sebeqashiwe abantu abasha bangalibali ukuqasha nalabo asebenemiyaka eyevile ku 35 ngoba nabo bangabantu abaswele umsebenzi maqede kudlulelwe nakulabo abakhubazekile njengoba sonke siyazi ukuthi kunesikhalo sokunganakwa kwalaba engikhuluma ngabo.

Sengiphetha koba kuhle ukuthi lomsebenzi omuhle kangaka owenziwe uNdunankulu wase Gauteng ungabe usufadalala emuva kokhetho luka 2024, bese sizwa sekuthiwa izimali azisekho futhi.