SHEILA MHLONGO
Abe Afro Barometer bekanye ne Democracy Development Program (DDP) bethule umbiko ngolwazi oluthinta abantu baseNingizimu Afrika mayelana nezinkinga ababhekene nazo okubalwa kuzo ekagesi, isimo sezulu esiguqukayo, kanye nokhetho oluzayo luka 2024. Lombiko bawethule Elangeni Hotel eThekwini ngoLwesibili lomhlaka 13 Juni 2023.
Izinhlangano ezizimele, amalunga omphakathi, izifundiswa, kanye nabezepolitiki babe ingxenye yokuzolalela lombiko kwase kuba nezinkulumo ngxoxiswano mayelana nalwazi olwethulwe abe Afro Barometer.
Ngaphambi kokwethulwa kombiko uDktl. Paul Kariuki onguMqondisi Jikelele weDDP wethule inkulumo yakhe yokwamukela izethameli zombiko wase ekhuthaza abantu kanye nezinhlangano mayelana nokubaluleka kokusebenzisa ulwazi olusuke luvela kucwaningo uma kuthathwa izinqumo.
Ngokolwazi oluvela kucwaningo olwenziwe abakwa AfroBarometer kubantu baseNingizimu Afrika mayelana nenkinga kagesi ekhungethe elakuleli bathole ukuthi iningi labantu libona ukuthi kungangcono ukuthi uEskom adayiselwe izinkampani ezizimele.
Mayelana nokhetho kuvelile ukuthi kukhona ukungathembi kahle imiphumela yokhetho, intsha yona inokungabaza ngokuzibandakanya nokuvota, kanti kukhona nokuthi kungcono umbuso uthathwe iqembu eliyokwazi ukuvula amathuba emisebenzi.
Mayelana nesimo sezulu esiguqukayo kanye nokonakala kwemvelo abanye abantu bakhombisa ukungabi nalo ulwazi ngalokhu.
Lonke lolulwazi lubonisa ukuthi abantu baseNingizimu Afrika sebezidelile ngenxa yezinkinga sebexolela ukuthi kutholakale izixazululo ezibonakala zilula futhi ezisheshayo kodwa bengenalo ulwazi mayelana nemiphumela yazo.
Iphephandaba iKZN Namuhla libe selixoxisana no Asafika Mpako oyisikhulu kuyo iAfroBarometer mayelana nokuthi bona yini abayenzayo ngalolulwazi, Impendulo yakhe kube ukuthi umsebenzi wabo ukwenza ucwaningo bese ulwazi beludlulisela kuhulumeni, kanye nasezinhlanganweni ezahlukene ezifana nayo iDDP kanye nakumabhizinis ukuze basebenzise ulwazi ukuthatha izinqumo.
UNksz Mbali Ntuli, owabe ewusopolitiki ngaphansi kweqembu leDemocratic Alliance manje osenguMqondisi Jikelele kanye nomsuguli we Ground Work Collective yena uphawule wathi luyabasiza kakhulu ulwazi abaluthola kwi AfroBarometer ngoba bayalusebenzisa ukuthuthukisa imiphakathi ngolwazi olungayisiza ukuthi ikwazi ukwenza izinqumo eziphusile.
Abe Afro Barometer neDDP bethule umbiko ngolwazi oluthinta abantu bakuleli

