U-AVBOB usanda kwethula uhlelo lokusiza abafundi olubizwa ngokuthi yi AVBOB STEP 12, inhloso yalo wukusiza abafundi balungele ukuhlolelwa izifundo zolimi eBangeni le -12. Loluhlelo lwe AVBOB STEP 12 luqukethe iziqondiso ZAMAHHALA zothisha nabafundi zokulungiselala ukuhlolwa kwe Banga le -12.
Loluhlelo lwe AVBOB STEP 12 ngokukhethekile luhlelelwe izifundo zolimi kwisilabhasi ye Banga le -12. Loluhlelo lwenzelwe ukusiza abafundi be Banga le -12 baphumelele ngezinga eliphezulu olwimini lwabo lwasekhaya nolimi lokuqala lokwengeza, njengoba nje lezi kuyizifundo eziphoqelelwe futhi kumelwe ziphaswe okungenani ngo 40%.
“Nge STEP 12, u-AVBOB uveze indlela entsha yokufezekisa isibopho sethu sokusekela ezemfundo lapha eNingizimu Afrika, kanye notshalo-mali lwethu oluqhubekayo ezinhlelweni zokufunda nokubhala, ingqala-sizinda yezikole, imitapo yezincwadi ekumakhonteyina nokusekela ubuciko bezinkondlo,” kusho u-Carl van der Riet, Umphathi Omkhulu we AVBOB.
Loluhlelo lwe AVBOB STEP 12 luzotholakala ngazo zonke izilimi ezisemthethweni ezingu (11) ngeMihlahlandlela Yamalungiselelo Okuhlolwa emithathu (3) ngesifundo solimi ngasinye, okwenza inani eliphelele libe ngamashumi amathathu nantathu (33) eziqondiso zokufunda.
“Sethemba ukuthi lolu hlelo lwe AVBOB STEP 12 luzosebenza njengohlelo lokusiza uthisha nomfundi bese kuthi neminye imikhakha yezinkampani ezizimele nazo zilandele ziklame izinhlelo ezifanayo ngezinye izifundo ze Banga le -12, ezinjenge Mathematics, i-Physical Sciences ne Business Studies,” kwenezela u-Van der Riet.
Lemihlahlandlela yokufunda ihlelelwe ukuthuthukisa impumelelo yabafundi emaphepheni amathathu (3) ngesifundo solimi ngasinye, okusho Ingqikithi Yolimi, Izincwadi Ezifundwayo kanye Nokubhala Ngobuciko. Ukubhala lamaphepha ngempumelelo kubaluleke kakhulu hayi nje ekuphaseni kahle umatekuletsheni kodwa nasekulengiseleleni abafundi bethu ukufunda okuqhubekayo, sibe sibahlomisa ngamakhono abaluleke kakhulu anjengokhulumisana ngempumelelo emsebenzini nakwezenhlalo bathuthukise namakhono okucabanga. Kusetshenziswe ongoti balezi zifundo abanolwazi olubanzi ukuba babe ngabeluleki kuloluhlelo lwe AVBOB STEP 12.
Ukusekelwa Umnyango Wezemfundo Eyisisekelo
Isimo nokuqukethwe yile Mihlahlandlela Yamalungiselelo Okuhlolwa ibhalwe ngokulandela Uhlelo Lwenkambiso Yokufundisa Nokuhlolwa (i-CAPS) oluvela eMnyangweni Wezemfundo Eyisisekelo (i-DBE).
U-Ngqongqoshe Wezemfundo Eyisisekelo, u-Angie Motshekga uye wasamukela lesi sinyathelo futhi wagcizelela umgomo ofanayo woMnyango Wezemfundo Eyisisekelo wokuqhubeka nokuthuthukisa impumelelo yabafundi – okuwumzamo oqiniswa wukubambisana, okunjengalokhu, phakathi komkhakha wezemfundo nabanye ababambisene nawo.
U-Motshekga ukhuthaze bonke othisha bolimi beBanga le -12 nabafundisi babafundi baka matekuletsheni ukuba bamukele le Mihlahlandlela Yamalungiselelo Okuhlolwa ye AVBOB STEP 12. U-Mnyango Wezemfundo uye wakuhlola okuqukethwe yi AVBOB STEP 12 futhi uyasisekela lesi sinyathelo njengethuluzi elinezelwe lokuthuthukisa abafundi.
Nakuba, le Mihlahlandlela Yamalungiselelo Okuhlolwa ye AVBOB STEP 12 ibhekiselwe kubafundi be Banga le -12 ukubasiza baphothule unyaka wabo wokugcina esikoleni, izinzuzo zingadlulela nakubafundi be Banga le -11 abangasizakala ngokubona uhlaka lwezifundo zesilabhasi ye Banga le -12. Kukho kokubili ukuhlelwa kwayo nokuqukethwe, kule Mihlahlandlela Yamalungiselelo Okuhlolwa ye AVBOB STEP 12 kusekelwe ezidingweni ezivezwe ngothisha abakulomkhakha.
Njengengxenye yokutshala kwayo imali emphakathini i-AVBOB, iphawule imfundo njengomkhakha obaluleke kakhulu, yasabela ngezinhlelo zayo eziphambili eziphathelene nokufunda nokubhala kanye nezemfundo ekusizeni uhulumeni ekuthuthukiseni ikhwalithi yokufunda nokufundisa ezikoleni. I-AVBOB noMnyango Wezemfundo Eyisisekelo banobudlelwane besikhathi eside bokubambisana kulomkhakha, besebenzela ukuba nomthelela ohlala njalo kwezemfundo.
Ungayithola kanjani le Mihlahlandlela Yamalungiselelo Okuhlolwa ye AVBOB STEP 12.
Le Mihlahlandlela ye AVBOB STEP 12 ingadawnlodwa MAHHALA ku www.avbobstep12.co.za kusukela mhlaka 14 June 2023. Ikhasi le Facebook le AVBOB STEP 12 ku (www.facebook.com/AVBOBSTEP12) liyindawo enhle yokuhlangana yothisha be Banga le -12.
U-AVBOB usungule uhlelo lwe -STEP 12 lokusiza abafundi be Banga le-12

