Iphalamende Liphasise Umthothosivivinywa obeka izimpilo zabantu Phambili.

NKOSIE NTOMBELA
IPhalamende laseNingizimu Afrika ligunyaze uMthethosivivinywa Womshuwalense Wezempilo Kazwelonke (NHI), ovula indlela yokunakekelwa kwezempilo osezingeni lomhlaba eNingizimu Afrika. Amaqembu amaningana, okubalwa iDemocratic Alliance (DA), Economic Freedom Fighters (EFF) neNkatha Freedom Party (IFP), aphikisana nalo mthethosivivinywa; nokho, i-African National Congress (ANC) yasebenzisa iningi layo eSishayamthetho Sikazwelonke ukuyivotela.

UMthethosivivinywa we-NHI uphakamisa ukuqedwa kwezinhlelo zezokwelapha eziphelele, ngaphandle kobulungu kwizikhungo zezempilo nezizimele (Private Hospitals) okuzosiza izakhamuzi zasde Ningizimu Africa nabokufika eNingizimu Afrika abacishe babe izigidi eziyisishiyagalolunye ezinhlelweni ezinjalo.
Iphinde iphakamise ukuthi izinsiza eziningi zokunakekelwa kwezempilo, okuhlanganisa nokuvakashela odokotela kanye nemithi, zizoba mahhala kuzo zonke izakhamuzi, futhi izinhlelo zezokwelapha ngeke zisakhokhela izinsizakalo ezihlinzekwa yi-NHI.

Umthethosivivinywa manje ulinde ukubuyekezwa nguMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe (NCOP), olandelwa yimihlangano yokulalelwa kwezimvo zomphakathi kanye nokugunyazwa uMongameli Cyril Ramaphosa.