Uhulumeni uzibophezele ukusiza izisulu zesishingishane eNanda

Uhulumeni uthi uzosiza imindeni ekhahlanyezwe yinkanyamba ehlasele eNanda, Lokhu
kumenyezelwe ngesikhathi sokuhlolwa kwezindlu okuholwa uNgqongqoshe wezokuHlaliswa
kwaBantu uMmamoloko Kubayi, ovakashele le ndawo ngoLwesithathu olwedlule,
ukuyobheka umonakalo kanye nokuhlonza ukungenelela okuphuthumayo ukusiza
abahlukumezekile ngokusebenzisa uhlelo lweDistrict Development Model approach. UKubayi ubehlangene noNdunankulu waseKZN, uNomusaDube-Ncube kanye neMeya kaMasipala weTheku uMxolisi Kaunda, uKubayi uthe
sekuhlanganiswe ithimba, okuhlanganisa nezinhlaka zontathu zikahulumeni, ukuzobheka
umonakalo odalwe yinkanyamba.
Ngasekuqaleni konyaka, uKubayi umemezele ukuthi uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu
kuzwelonke uzothatha izintambo zokuqaliswa kohlelo lokwakhiwa kwezindlu
eziphuthumayo. Lokhu bekuhloswe ngawo ukuqinisekisa ukuthi uhulumeni usabela
ngokushesha ezinhlekeleleni.
Uthe ngesikhathi sokuhlolwa, izikhulu zabona ukuthi eminye imizi idinga kakhulu
ukungenelela kukahulumeni.

“Usizo esihlose ukuludlulisela emizini ethintekile luhlanganisa impahla yokwakha ukuze
kwakhiwe kabusha izindlu ezacekeleka phansi kancane futhi sithole izisombululo zesikhathi
eside kusetshenziswa obunye ubuchwepheshe bokwakha.” kusho uKubayi.
Ukuhambela eNanda kulandelwe wukunikezelwa kwezindlu kubantu abafanelekile
ukuhlomula ngohlelo lwezindlu olubizwa ngeKanku Road Housing Project, olunezindlu
ezingaphezu kuka-300.
UKubayi uthe lolu hlelo lungenye yezindlela uhulumeni angabuyisa ngayo isithunzi sabantu.
“Siyakwamukela futhi ukuthi siwuhulumeni, luselude ukhalo okusamele siluhambe ukuze
silethele wonke umuntu izindlu. Nokho sisebenza ubusuku nemini ukuqinisekisa ukuthi
uhulumeni uyazifeza izethembiso azibekile,” kusho uKubayi.
UNgqongqoshe uxwayise abasanda kuhlomula ukuthi bamelane nesilingo sokudayisa izindlu
zabo. Unxuse abazohlomula ukuthi babheke izindlu zabo futhi bazinike izizukulwane zabo
ezizayo.
IMeya uKaunda ithe okunye okuseqhulwini kuhulumeni wasekhaya wukuqeda imijondolo
kanye nama Transit Camps.
Uphinde wachaza ukuthi abazohlomula bazosuswa ngamaqoqo besuka eSiphingo bayiswe
ezindlini zabo ezintsha.SAnews.gov.za