UZandie usenxuse uMengameli wezwe ukuthi angenelele ecaleni lokubulawa kukaSenzo

THAMI SHESHANE
UZandie Khumalo ongudadewabo kaKelly Khumalo owabe eyintombi ka Senzo Meyiwa owabe
engunotzinti we Orlando Pirates, usebhalele uMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa emcela

ukuthi angenelele odabeni lwecala elisezithembeni zankantolo mayelana nokubulawa kukaSenzo
osekuphele iminyaka lingapheli.
UZandi ungomunye wofakazi ababekhona ngesikhathi sokubulawa kuka Senzo Meyiwa
okumanje ungomunye wofakazi enkantolo mayelana nalelecala. Kamuva nje lentokazi ibe
isibhalela uMengameli wezwe kanye
Okhulumela uMengameli u Vincent Magwenya ephendula egameni likaMengameli ugcizelele
ukubaluleka kokuthi umphakathi uqonde imisebenzi namandla uRamaphosa anawo.
“IHhovisi likaMongameli aliphethe ukusebenza kwenkantolo, futhi aliphawuli ngezindaba
eziphambi kwezinkantolo. Uma enokukhathazeka mayelana nodaba oluphambi kwenkantolo,
kufanele enze isicelo sakhe kuyo leyo nkantolo. Kubalulekile ukuthi abantu abafuna ukuxoxisana
nehhovisi likaMengameli, noma uMengameli uqobo, bazi kahle imisebenzi namandla akhe
njengoba ehlinzekelwe kuMthethosisekelo.” Kuphetha uMagwenya.