INTATHELI YE-KZN
Kubanjwe kwaboshwa amashosha ombutho weSouth African National Defence Force (SANDF)ngecala lokweba izibhamu ama stun grenades kanye nama live immunition kanye nokunye. Lamasosha abanjwe eBloemfontein kanti ngokusho kodaba olucashunwe ephephandabeni iCitizen, lithi abanjwe ngoLwesithathu olwedlule konke lokhu akwebe enkambini yase Base Tempe Military.
Ngokombiko wephephandaba iCitizen lithi amaphoyisa athole ulwazi kwabathile abawalume indlebe kanti nangempela agasela emaFlethini Brandwag, Bloemfontein abhadama isinzwa ebalelwa ku 31 weminyaka inezikhali zokwebiwa zombutho maqede yavela enkantolo.
USiphiwe Dlamini okhulumela uMnyango wezokuVikela kuleli uthe uMbutho uyakwamukela ukuboshwa kukamsolwa.Waqhuba wathi umsolwa webe lezikhali ezinentengo ebalelwa ku R90,000 maqede wazidayisela amalunga omphakathi
UJenene Rudzani Maphwanya ukhiphe isexwayiso esibhekise kumasosha wathi umbutho angeke uzibekezelele izenzo zobugebengu wathi ayothathelwa izinyathelo zomthetho amasosha enza ubugebengu.
Khona manjalo ngaphambi kwesigameko sokuboshwa kwesosha kusanda kubanjwa amaphoyisa amabili asebenza ngaphansi kophiko lwe Flying Squad eMpumalanga emva kokubanjwa nezibhamu kanye neziqhumane, kanti elinye likwazile ukuphunyuka labaleka.


